UMDLALI weSuperSport United (SSU), uTeboho Mokoena, uzoya kozama inhlanhla eqenjini laseFrance ngenyanga ezayo.
Lezi zindaba ziqinisekiswe yisikhulu esiphezulu se-United, uStan Matthews, ngesikhathi ekhuluma nezintatheli eThekwini ngempelasonto.
UMatthews akazange aphumele obala ngeqembu azoya kulona uMokoena kodwa i-Independent Media ingakuqinisekisa ukuthi kukhulunywa ngeRC Strasbourg Alsace. UMokoena ube nesizini enhle naMatsatsantsa a Pitori ayivale ngokuhlomula ngomklomelo iPSL Young Player of the Season emcimbini obungeSonto e-International Convention Centre, eThekwini.
“UTeboho uzoya kohlolwa eFrance ngoJulayi. Uma kuwukuthi bayamthenga ngeke sime endleleni yakhe. Usemncane futhi unekusasa eliqhakazile futhi uma kungenzeki manje nalokho kulungile ngoba usenenkontileka ende nami,” kusho uMatthews.
UMokoena uke wamataniswa nokuya kwiMamelodi Sundowns ezinyangeni ezedlule kodwa uMatthews ukuchithile ukuthi likhona iqembu lePSL azoya kulona lo mdllali.
“Asiboni lapho engaya khona uTeboho lapha ekhaya. Sicabanga ukuthi kumlungele ukuthi angaya phesheya. Asikho isidingo ukuthi simdedele ayokhuhla ibhentshi kwamanye amaqembu. Sibabonile bedlala kahle lapha kodwa bafike kwamanye amaqembu bakhuhle ibhentshi noma bayohlaliswa nezihlwele. Ngeke sikuvumele kwenzeke lokho kuTeboho,” kuqhuba uMatthews.
Ubuye waqinisekisa ukuthi likhona elinye iqembu elike labuza ngoMokoena.
“Sabatshela ukuthi singawusebenzisa umgomo wenkontileka wokumthenga kodwa hhayi ngalesi sikhathi abebefuna ngaso. Ngaleso sikhathi besikwi-Top 3 sabona kungesiso isikhathi esifanele. Sabacela ukuthi bahlehlisele uJulayi 1 siqale izingxoxo ngemuva komdlalo wokugcina weligi kodwa sebethule manje,” kusho uMatthews.
Izolo uMokoena ufakwe esikwatini seBafana Bafana esizodlala kwiCosafa Cup eqala eThekwini ngempelasonto. Iqembu lakhiwe ngabadlali be-Under 23 njengoba lizobe liholwa umqeqeshi wawo uDavid Notoane.