UMDLALI weSuperSport United u-Aubrey Modiba uthi ufuna ukuhamba ezinyathelweni zikaPercy Tau owenza ezibukwayo eBelgium
UMDLALI weSuperSport United, u-Aubrey Modiba, ukhuthazwa uPercy Tau ngephupho lakhe lokuyodlala phesheya kwezilwandle ngelinye ilanga.

UModiba (23) ongomunye wabadlali abagqamile kwi-United uthe akaziboni eshintsha iqembu ngaphandle uma engathola amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle.

Lo mdlali, oyibamba esiswini abuye adlale nasemuva kwesokunxele, ubona uTau njengesibonelo esihle ikakhulukazi ngemuva kokuthi lo mdlali aqokwe njengomdlali ovelele kwiligi yaseBelgium.

UTau ubolekiswe yiqembu lase-England, iBrighton & Hove Albion, kwi-Union St Gilliose edlala kwiligi engaphansi kwenkulu yaseBelgium. Kwisizini yakhe yokuqala uqobele enethini amagoli awu-11, wakha awu-13 emidlalweni ewu-34.

“Ngimjabulele kakhulu. Empeleni bengibona ukuthi kuzokwenzeka abe wumdlali ovelele ngoba njalo uma besazisa ukuthi uqhuba kanjani ubuthola ukuthi ushaye igoli noma ulakhile. Ngijabule ngoba singabadlali abancane abanye esasidlala naye esikoleni, kuhle ukumbona esenza kahle phesheya. Akaqhubeke asebenze kanzima. Ngifuna ukumbona edlala kwiPremiership (e-England) maduze okuyiligi ephambili emhlabeni futhi ngiyazi uzoya khona,” kusho uModiba.

UTau usayine neBrighton ekuqaleni kwesizini kodwa wangakwazi ukuthola amaphepha okudlala e-England ngenxa yokukleliswa phansi yiFifa kweBafana Bafana.

UModiba ebuzwa ukuthi angayishiya yini i-United uma kukhona iqembu elimnyonyobelayo, uthe: “Isifiso sami esikhulu wukuyodlala phesheya. Uma lelo thuba lifika ngingalithatha ngazo zombili. Kodwa lapha ekhaya, cha!. Angiziboni kukhona elinye iqembu engilidlalelayo. Ngisanenkontileka ne-United futhi ngibona usemuningi umsebenzi okumele ngiwenze kuyona. Yebo ngeke ulazi ikusasa ukuthi likuphatheleni kodwa angiziboni ngishiya iSuperSport United ngijabule kuyona. Ngaphandle uma kungathiwa ngiya phesheya.”

Ngesikhathi esalinde ukuvela kwamadlelo aluhlaza uzimisele ngokuzicija ekushayeni amagoli.

“Ngicabanga ukuthi ngibe nesizini ehle. Into engingajabule ngayo isibalo samagoli. Umdlalo nomdlalo ngiyawathola amathuba kodwa ngingakwazi ukuwaqedela amanye. Uma ngingasebenza kakhulu kulokho ngicabanga ukuthi isizini ezayo izoba yinhle kakhulu.” Ushaye amagoli amahlanu kule sizini kwiligi.

I-United ebambe indawo yesithupha kwi-log izovala imidlalo ye-Absa Premiership neHighlands Park, eLucas Moripe ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Uma inqoba lapha bese iPolokwane City esonga ne-Orlando Pirates ihlulwa, Amatsatsantsa a Pitori anganyukela kwindawo yesihlanu.