IMENENJA yeRoyal Eagles, uJames Dlamini, ithi ngeke bazingene izinkulumo zalabo ababona sengathi iqembu labo liyenzelelwa “ngokunikwa” amaphenathi njengoba lisembangweni wokudla isicoco seNational First Division (NFD).
Indaba “yokwenzelelwa” kwe-Eagles ibe samatheni kulandela inkulumo okuthiwa yenziwe umqeqeshi weTS Galaxy, uDan Malesela, ngemuva kokuthi ezakhe zidliwe yi-Eagles ngo 1-0 wephenathi ngempelasonto.
IGalaxy ifake i-video emakhasini ayo kwi-Facebook nakwi-Twitter iveza ukuthi le phenathi idaleke kanjani. Umdlali we-Eagles ugoba ibhola ngakwesokudla elifike lishaye engalweni umdlali weGalaxy okubukeka ezama ukulivika njengoba izandla zakhe zincike emzimbeni wakhe. Unompempe nomsizi wakhe babe sebeyikhomba emlotheni.
“Uma imidlalo inqotshwa kanjena ufuna ukusho izinto kodwa osabayo ukuzisho ngoba awufuni ukungena enkingeni,” ucashunwe esho kanje emithonjeni yabezindaba uMalesela.
I-Eagles ihleli endaweni yesithathu kwi-log yeNFD okuyibeka embangweni wokukhuphukela kwi-Absa Premiership njengoba ihlukaniswe amaphuzu amabili neStellenbosch eqhwakele ngamaphuzu awu-49.
Kuthiwa iyona eqengqeleza phambili ngokubekelwa amaphenathi, kuvela ukuthi isibekelwe ayishumi. Abanye abantu abebephawula kwi-video efakwe iGalaxy bebesola i-Eagles “ngokufumbathisa” onompempe.
UDlamini uthe ngeke belokhu bezihlupha ngezinkulumo ezinjena kodwa onobufakazi akaphumele obala.
“Angizilaleli lezo zinto. Uma umuntu enobufakazi akaye emaphoyiseni. Awukwazi nje umane ukhulume into enje emoyeni ube ungenabo ubufakazi. Okuhle wukuthi usihlalo wePSL nesigungu sonke esiphezulu sikucacisa kahle ukuthi asihambisani nenkohlakalo. Akuyiwe emaphoyiseni nobufakazi. Akungadicilelwa phansi umsebenzi wethu. Thina uma sishaywa asikhali ngamuntu kunalokho sizibuza thina ukuthi sihluleke kanjani,” kusho uDlamini.
Leli qembu elizinze eMgungundlovu selihlulwe imidlalo eyisithupha kwiligi.
“Ngesizini edlule i-Eagles ibivika izembe kukhulunywa ngokuthi sihlulwa yini sibe sinazo zonke izinsiza. Manje sesenza kahle kuyakhulunywa futhi kanti yini okumele siyenze. Wonke umuntu uba nezinhloso zakhe, nathi ezethu sazisho kuqala isizini ukuthi sifuna ukukhuphukela kwiPremiership.”
Uthe imiqondo yabo manje ibheke umdlalo wabo abazowudlala ne-Ajax Cape Town esendaweni yesibili ngoMgqibelo eChatsworth Stadium ngo-3 ntambama.
“Siyishayile i-Ajax ekuhambeni. Namanje sizophinde silwe njengoba sidlalela ekhaya,” kuphetha uDlamini.
Imidlalo yeNFD:
NgoMgqibelo ngo-3 ntambama: Royal Eagles v Ajax Cape Town (Chatsworth Stadium); Tshakhuma Tsha Madzivhandila v TS Sporting (Thohoyandou Stadium); Pretoria University FC v Jomo Cosmos (ABSA Tuks Stadium); Uthongathi FC v Cape Umoya United (Princess Magogo Stadium); Ubuntu Cape Town v Witbank Spurs (Athlone Stadium)
NgeSonto ngo-3 ntambama: Richards Bay v Maccabi FC (Umhlathuze Sports Complex); Mbombela United v Real Kings (Kanyamazane Stadium)