UMGADLI weMamelodi Sundowns odume ngokuhluleka ukuziphathisa okomdlali webhola elikhokhelayo, uYannick Zakri wase-Ivory Coast, akabuyile emsebenzini yize iqembu libuye emaholidini emasontweni amabili kuya kwamathathu edlule.
Ngokuthola kweSolezwe uZakri, obebolekwe i-Ajax Cape Town ngesizini edlule, akabuyile ngoba ekhala ngokuthi akanayo imali yokuthenga ithikithi lendiza ezombuyisa emsebenzini eNingizimu Afrika. Use-Ivory Coast lapho abeseholidini okuvala kwesizini khona.
Nakuba iSundowns ingazange itholakale ukuphawula ngalokhu kodwa sesingakusho ukuthi
iqembu limdubile lamtshela ukuthi lithatha ngokuthi
ulovile zonke lezi zinsuku emsebenzini ngoba bonke abebebolekisiwe nabo bakhona yize beziqeqesha ngabodwana noma nezikwati ezincane eChloorkop.
“Abadlali abebebolekisiwe babuyile bonke. Balinde ukuthi umqeqeshi (uPitso Mosimane) anqume ngokuzokwenzeka kodwa ngicabanga ukuthi okuningi kuzocaca uma esebuyile neqembu eTogo lapho eyodlala khona oka-Group C weCAF Champions League ne-AS Togo-Port ngoLwesibili.
“OkukaZakri kuyinkinga ngoba vele useyaziwa ukuthi unenkinga ngokuhluleka ukuziphatha.
“Uselitshelile iqembu ukuthi imbangela yokungabuyi kwakhe wukuthi akanayo imali yokugibela abuye kodwa ezinkundleni zokuxhumana uvela cishe nsuku zonke ezithokozisa ngamabhodlela otshwala abiza imali ebomvu,” usho kanje umthombo weSolezwe ngoLwesine ebusuku.
Akuphele sikhathi esingakanani uZakri ephatheka ezindabeni ezimbi emuva kokusolwa kwakhe yintombazane yaseGoli ngokuthi uyikhulelisile yize eshadile.
Indaba yakhe ivele ngoba engasasigcini isithembiso ayesenze entomba-zaneni (asolwa ngokuyi-khulelisa) sokuthi uzoyina-kekela futhi uzobabhekela bobabili uma sekufike ingane.
Isolezwe litholile nokuthi kunesitolo esiseThe-kwini lapho abadlali bebhola bekhithiza khona izimpahla zokugqoka abaphathi baso abakhala ezimathonsi
ngoZakri
kwazise wafika wakhithiza kodwa kuze kube manje akakhokhile.
Kuthiwa uZakri waze wakhuzwa womunye umngani wakhe efake isithombe sotshwala ekhombisa ukujabula ezinkundleni zokuxhumana ngosuku okwacaca ngalo ukuthi i-Ajax, ayebolekiswe kuyona, idliwe yizembe.