UKUNGABI khona kukampetha we-800m uCaster Semenya kuvula isikhala ekwandiseni isibalo sezindondo ebingabuya nazo iNingizimu Afrika kuma-IAAF World Championship aseDoha, eQatar, kusukela ngoSepthemba 27 kuya ku-Okthoba 6.
Lokhu kuvezwe umengameli we-Athletics South Africa (ASA) * -Aleck Skhosana ngemuva kokwethulwa kweqembu lakuleli labagijimi abawu-31 abazolimela kulo mqhudelwano.
USemenya ngeke akwazi ukuvikela isicoco sakhe se-800m ngenxa yokunqindwa wumthetho we-IAAF ophoqa abagiimi besifazane ebangeni * -400m, 800m, ne-1 500m ukuthi badle imishanguzo yokuthithibalisa i-testosterone uma imizimba yabo ikhiqiza engaphezulu kuka-5nml/L. Lo mgijimi usalinde isinqumo seSwiss Federal Court lapho ephikisa khona lo mthemtho.
Omunye umpetha wakuleli ongekho eqenjini, uWayde van Niekerk ongeke avikele isicoco sakhe sango-2017 kwi-400m njengoba engakalulami kusukela alimala ngemuva kwemidlalo yaseLondon.
USikhosana uthe: “Silindele ukuthi benze okufanele, bayakwazi bona. Kumele bakwazi ukuphephezelisa ifulegi lakuleli. Thina siqoka umuntu ukuthi ayomela isizwe eqhathwe nezinye izizwe ukuthi ayokhuphula irekhodi lakhe, elaseNingizimu Afrika, elase-Afrika noma elomhlaba uma kwenzeka.”
Emqhudelwaneni odlule elakulelli labuya eLondon likleliswe endaweni yesithathu kwabenze kahle ngezindondo. Lathola izindondo eziyisithupha. Amagolide amathathu, isiliva namathusi amabili.
USkhosana uthe ngeke basho ukuthi bafuna izindondo ezingaki kulokhu. “NgesiZulu sithi ayiqanjwa ingakazalwa. Sizolinda amasosha ahambe sibone ukuthi afika enza kanjani.”
Kubadlali abaseqenjini okungabhekwa kubona izindondo kukhona uLuvo Manyonga ozobe elwela isicoco se-long jump asithathe ngo-2017 eLondon. Uzakwabo umpetha wase-Afrika uRuswahl Samaai naye ukhona kulabo ababhekiwe njengoba abuya nethusi.
Laba kuzomele balwele ukugudluza umpetha we-Diamond League, uJuan Euchavaria waseCuba obebamise kabi kule sizini yeDiamond League. U-Euchavaria nguyena osagxume ibanga elide kulo nyaka ebeka * -8.65m. UManyonga ugxume * -8.37m kulo nyaka eLondon
U-Akani Simbine oyibamba kwi-100m ube nezikhathi ezinhle kulo nyaka nokumbeka ethubeni lalabo abangazibeka ethubeni lokubuya nendodo kule midlalo. Ngo-2017 wahlulwa kowamanqamu ephuma endaweni yesihlanu kunqoba uJustin Gatlin wase-USA. Iqembu lakuleli lizohamba ngoLwesibili selilibhekise eDoha lapho amazinga okushisa ephezulu kakhulu..
Iqembu eliya kwi-IAAF World Championship
Abesilisa
100m: Akani Simbine, Thando Dlodlo, Simon Magakwe.
200m: Clarence Monyai, Anaso Jobodwana.
400m: Derick Mokaleng, Thapelo Phora.
800m: Tshepo Tsipe.
300mSC: Rantso Mokopane.
Marathon: Sephen Mokoka, Desmond Mokgobu, Thabido Moeng, David Manja.
100mH: Antonio Alkana, Ruan de Vries.
400mH: Lindsey Hanekom.
20kmRW: Wayne Snyman.
50kmRW: Marc Mundell.
Long Jump: Zack Visser, Luvo Manyonga, Ruswahl Samaai.
Shot Put: Orazio Cremona.
Abesifazane
100m: Tebogo Mamatu.
5000/10 000m: Dominique Scott.
100mH: Rikenette Steenkamp.
400mH: Zaney van der Walt.
Javelin: Sunette Viljoen.
Iqembu le-relay
4X100m: Akani Simbine, Thando Dlodlo, Simon Makgakwe, Clarence Munyai, Anaso Jobodwana, Antoni Alkana noChederick van Wyk.
4X1400m: Derick Mokaleng, Thapelo Phora, Gardeo Isaacs, Ashley Hlungwani, Ranti Marvin Dikgale noLindsey Hanekom.