ISIKHWISHIKHWISHI seLamontville Golden Arrows uDanny Venter, sithi sifuna ukuphuca ijezi isibabuli se-Orlando Pirates, uVincent Pule eqenjini lesizwe iBafana Bafana.
UVenter odlala ngonyawo lwesinxele ezinhlangothini zombili, uthe weneme ngezinga lakhe njengamanje nathi uzoqhubeka nokushaya amagoli, nokuwakha, ngenhloso yokuthumela umyalezo kumqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, ukuze ezombiza kwelesizwe.
Kule sizini uVenter uthi usakhe ‘inqwaba’ yamagoli kuBafana Bes’thende, nathi kusengamanzi amancane, usazowakha kakhulu.
UVenter obegijimela iFree State Stars, usevalele phakathi amagoli amabili kule sizini kwi-Arrows. Ngokusho kwalo mdlali odabuka eKlerksdorp, uma engaqhubeka ngegiya elifanayo, aphinde angalimali, kungakhethwa iphela emasini uma kukhethwa iqembu lesizwe, impela angamdlisela ogageni uPule.
“Abadlali abadlala ophikweni nhlangothi zombili kwiBafana basenkingeni ngoba ngilifuna la ijezi. Uma ubuka indlela iBafana edlala ngayo iyi-4-4-2. Kodwa-ke engingakusho ukuthi mina ngithanda kakhulu ukudlala ophikweni lwesokudla, ngingene ngaphakathi ngonyawo lwami lwesinxele. Uma ubuka uPule indlela adlala ngayo, ushaya amagoli futhi uyawakha. Ngicabanga ukuthi ungihlula ngokushaya amagoli okwamanje, nengicabanga ukuthi yilona hlangothi okumele ngilulungise emdallweni wami,” usho kanje uVenter.