UNKOSINATHI Sibisi oyisitobha seLamontville Golden Arrows unesifiso sokudlala kwiCAF Confederation Cup.
USibisi (24) uthe abadlali be-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns banomehluko omkhulu uma beqhathaniswa nalabo abadlala kuleli kuphela, ngenxa yesipiliyoni abasithola kwiCaf Champions League neConfederation Cup.
Ukhuluma kanjena nje uSibisi, Abafana Bes’thende basethubeni lokukhala bemuke nesicoco seNedbank Cup njengoba bezibekisele indawo kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.
I-Arrows izobhekana neTS Galaxy kowandulela amanqamu ngo-Ephreli 20, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Uma ingagcina isinqobile lesi sicoco izodlala kwiConfederation Cup ngesizini ezayo.
“Abadlali bePirates neSundowns banomehluko omkhulu kwabamanye amaqembu kwiPSL. Ngicabanga ukuthi nokudlala kule miqhudelwano kwenza ukuthi unakwe, bese uyakhethwa eqenjini lesizwe,” usho kanje uSibisi.
USibisi ungowaseMpophomeni, eHowick. Ufike eThekwini ezofunda eMangosuthu University of Techonology, eMlaza. Ubenza izifundo zePublic Administration.
Uthe useqedile ngezifundo zakhe, sekusele ukuthi ayogqoka ijazi. Iqembu alidlalele ngasekhaya esakhula yiReal Argentina. Uthe ufike kwi-Arrows ngemuva kokuthi kube khona isikhathi lapho bebehlola khona abadlali, ngenhlanhla yakhe wakhethwa.
USibisi uveze ukuthi ngesikhathi ekhula ubengumlandeli wePirates. Phakathi kwabadlali abamchaza kakhulu begqoke ijezi leBucs uMbulelo “OJ” Mabizela.
“Bengilandela iPirates ngisakhula, bengithanda kakhulu ukubuka uMabizela edlala ngase ngizitshela ukuthi ngelinye ilanga ngiyolandela ezinyathelweni zakhe. Okungigqugquzela kakhulu ukuthi naye (uMabizela) ungowaseMgungundlovu. Lokho kungenze ngabona ukuthi empilweni ungenza noma yini, noma ngabe ungowakuphi,” kuchaza uSibisi.
Eqhubeka uSibisi, uthe ufuna ukuthi ngelinye ilanga adlale kwiBafana Bafana.
“Kunzima ukudlala eqenjini lesizwe, ngakho kufanele ngisebenze kanzima ngokuphindwe kabili ukuze ngizibeke ethubeni. Isibonelo nje umdlali ofana noThamsanqa Mkhize odlala indawo engiyidlalayo kwelesizwe. Udlale kahle kakhulu kule sizini, futhi uyazimisela. Ngiyethemba kodwa ukuthi uma ngizimisele ngizogcina ngifikile kwiBafana ngokusebenza kanzima nokuzimisela,” usho kanje uSibisi.
I-Arrows izobhekana naMaZulu FC emdlalweni wabakhaya ngeSonto, eSugar Ray Xuliu Stadium, eClermont, ngo-3 ntambama.