KUMQINISA idolo uMandla Ncikazi oyiphini lomqeqeshi weLamontville Golden Arrows, ukuthi usebenza noSteve “Mphathi” Komphela eqenjini.
UNcikazi uthe ukuba bekungomunye umqeqeshi abezoba maningi amathuba okuthi abadlali bayithathe kancane iTS Galaxy abaqhathwe nayo kowandulela owamanqamu weNedbank Cup.
Uchaze isimo ababhekene naso beyithimba labaqeqeshi kwi-Arrows njengesinzima kunazo zonke abake babhekana nazo. Lo mqeqeshi uthe ukusho lokhu ngoba emehlweni abantu mhlawumbe nakubadlali izinto zihamba kahle futhi baqhathwe neqembu okuzoba lula ukuthi balehlule.
Lo nyaka umqoka kwi-Arrows kwazise isethubeni lokuphinda umlando ngokudla isicoco sesibili sekuphele iminyaka eyishumi idle esokuqala. Umdlalo we-Arrows neGalaxy edlala kwiNational First Division (NFD) uzodlalelwa eThekwini kodwa usuku nenkundla akukamenyezelwa.
“Lesi isikhathi esinzima kunazo zonke kusukela ngiqale ukuqeqesha. Konke kubukeka kulula emehlweni abantu kanti lokho yikhona okuvamise ukuba yinkinga enkulu. Ebholeni ayikho into elula kepha kumele kusetshenzwe. Simelwe umsebenzi onzima siyithimba labaqeqeshi ngoba kufanele singene sigxile ezingqondweni zalaba badlali ngobumqoka bokuthatha umdlalo njengeminye enzima futhi emqoka esihlale siyidlala,” kusho uNcikazi.
Uyakholelwa nokho ekutheni lo msebenzi ngeke ube nzima kangako ngoba usebenza noKomphela.
“Le ndoda ayishintshi futhi ngiyazi izoqinisekisa ukuthi abadlali abacabangi ukuthi kuzoba lula.”
UNcikazi uze waveza nokuthi uzama konke anakho njengokuxoxela abadlali ngezikhathi zakhe esadlala kwi-African Wanderers lapho bahlushwa khona yiqembu elalingakaze linqobe ekubeni bona beyinqobe yonke imidlalo yabo.
“Sengizame konke engikwazyo ngoba lesi simo ngiyazi siyinkinga kanjani. Inkinga enkulu wukuthi asibhekene nje neqembu kodwa sidlala noDan (Malesela). Liyaziwa ibhola alidlalisayo futhi nokuthi iGalaxy isele emaqenjini amane kuyizinkomba zokuqina kwayo. Alikho kangako igebe phakathi kweNFD nesigaba esikhulu ngakho kufanele sizibambe ziqine impela. Sinethuba lokuvusa umlando weqembu kanti sisethubeni futhi lokubhala owesifundazwe umlando kwazise simele sona,” usho kanje uNcikazi elokhu ekubalule njalo ukuthi sinzima kangakanani kuyena lesi simo lapho izinto zibukeka khona zilula zonke.
Imidlalo yeNFD:
NgoMgqibelo ngo-3 ntambama: Tshakhuma Tsha Madzivhandila - Ubuntu Cape Town (Thohoyandou Stadium); Maccabi FC - Royal Eagles (Volkswagen Dobsonville Stadium); Ajax Cape Town v Witbank Spurs (Cape Town Stadium); Mbombela United v Uthongathi FC (Kanyamazane Stadium)
NgeSonto: Cape Umoya United v TS Sporting (Athlone Stadium); Pretoria University FC v TS Galaxy (ABSA Tuks Stadium); Jomo Cosmos v Stellenbosch (Makhulong Stadium); Richards Bay v Real Kings (Umhlathuze Sports Complex)