UMDLALI wasemuva kuMaZulu FC, uKgotso Moleko, uyavuma ukuthi akasaziboni ethola ithuba lokudlala eqenjini lesizwe iBafana Bafana ngenxa yeminyaka yakhe yobudala.
UMoleko (32), ongakaze abizwe kwiBafana Bafana usho kanje ebuzwa yizintatheli lapho bekunokothana kwabezindaba nabadlali kanye nethimba labaqeqeshi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lokhu kungemuva yenkulumo yomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos okubeke ngokusobala ukuthi akayingeni eyabadlali abadala njengoba eqala phansi kabusha iqembu lesizwe.
Lo mqeqeqeshi odabuka eBelgium, uyifakazele le nkulumo yakhe yokungakholelwa “emakhehleni” ebophela iningi labadlali abasebancane nabangazange bamphoxe emidlalweni emibili yakamuva iBafana ibhekene neZimbabwe neGhana.
Bashiye iBafana iqhwakele eqoqwweni ngamaphuzu amane kweyokuhlungela i-2022 Fifa World Cup.
“Njengoba eshilo umqeqeshi (weqembu lesizwe) ukuthi akabadingi abadlali abadala, ngakho-ke nami angisaziboni ngiyingxenye yeqembu lesizwe, nakuba-ke lokho kungasho ukuthi ngingeze ngalemukela ithuba uma kungenzeka ngibizwe eqenjini lesizwe ngelinye ilanga,” kusho uMoleko.
“Ibhola laseNingizimu Afrika limnandi (esho sakubhuqa), ngoba kubukeka sengathi kugqanyiswa kakhulu indaba yeminyaka kunokuba kubhekwe ukudlala kahle nefomu yomdlali.
“Ngokwami akuyi ngeminyaka, uma nje umdlali edlala kahle makanikwe ithuba kungayi ngokuthi mdala noma mncane. Ngingaba mdala kodwa uthole ukuthi ngidlala kangcono kunomdlali oneminyaka engu-17.
“Ngakho-ke iminyaka ayisho lutho, okubalulekile ukudlala nokuzimisela komdlali. Naba nje oMessi (Lionel) badala kodwa badlala kahle futhi bayanikwa ithuba ngamaqembu abo esizwe.”
UMoleko ungomunye wabadlali abamqoka nabanamava Usuthu oluzothembela kubo emdlalweni omqoka weCaf Champions League elizodudulana kuwo neNyasa Big Bullets eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoLwesihlanu ngo-5 ntambama.