STHEMBISO NGOBESE
UMQEQESHI wesikwati saMaZulu FC esigijima kwiDStv Diski Challenge, uSboniso “Nini” Vilakazi, ufuna ukubona leli qembu lakhe libalwa namane azodlulela esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.
UVilakazi ukusho lokhu ngaphambi kokuba amabombo bawabhekise eGqeberha lapho bezobhekana neChippa United ngeSonto ngo-10 ekuseni, eWolfson Stadium.
KwiDiski Challenge, uSuthu luseqoqweni lokuqala elibophele iLamontville Golden Arrows, iCape Town City, iMaritzburg United, iStellenbosch FC, iChippa neSuperport United.
Emdlalweni wokuvula obungempelasonto edlule, AmaZulu abambane ngo 1-1 nomkhaya i-Arrows. IChilli Boyz ithole isibhaxu sika 4-2 kwiMariztburg United.
Ephawula ngezinhloso zabo ngeDiski njengoba isidlalwa ngokohlelo lwamaqoqo, uVilakazi utshele leli phephandaba ukuthi akubheke kakhulu wukuthi bazibone bebalwa namaqembu azodlala kweyandulela owamanqamu.
“Sijabula kakhulu ngokuthi imidlalo yeDiski Challenge isiphinde yabuyela enkundleni. Ngingasho ngithi iqoqo esiboshelwe kulona linzima kakhulu ikakhulukazi njengoba kukhona amaqembu afana neSupersport, i-Arrows neMaritzburg abaziwa kakhulu ngokukhiqiza abadlali abasebancane abanohlonze.
“Nakuba kunzima kunjalo kodwa simizisele ngokusebenza kanzima ukuze sithole ithuba lokudlulela emdlalweni owandulela owamanqamu. Njengawo wonke amaqembu esinawo lapha esigabeni seDiski nathi siyafisa ukuzibona sinqoba isicoco ekugcineni,” kusho uVilakazi.
Lo mqeqeshi ube esephawula ngomdlalo wabo neChippa, wathi: ”Siyazi ukuthi abenzanga kahle emdlalweni wabo wokuvula neMaritzburg njengoba behluliwe kodwa lokho akuchazi ukuthi sizobathatha kancane kumele sidlale ngokukhulu ukuzimisela lapha uma sifuna ukunqoba. Ngicabanga ukuthi kulo mdlalo wangeSonto abadlali bethu bazobe sebengcono kakhulu uma kuqhathaniswa nangempelasonto edlule ngesikhathi sibhekene ne-Arrows. Bebekhombisa ukukhathala kwazise bese kunesikhathi eside bagcina ukudlala.”
Imidlalo yeDStv Diski Challenge imi kanje:
Kusasa - Ngo-9.30am: Supersport United v TS Galaxy (Bidvest Stadium).
Ngo-10am: Baroka FC v Tshakuma (Old Peter Mokaba); Lamontville Golden Arrows v Mariztburg United (Sugar Ray Xulu); CT City v Stellenbosch FC (Malta Park).
Ngo-12pm: Orlando Pirates v Bloemfontein Celtic (Bidvest Stadium).
NgeSonto Ngo-9.30am: Kaizer Chiefs v Black Leopards (Bidvest Stadium).
Ngo-10am: Chippa United v AmaZulu FC (Wolfson Stadium).
Ngo-12pm: Mamelodi Sundowns v Swallows FC (Bidvest Stadium).