AMAZULU awamdayisi umdlali wawo ovuthayo kulezi zinsuku u-Emiliano Tade.
UTade (30) ufike kwezwakala kwiPremier Soccer League (PSL) njengoba kuyisizini yakhe yokuqala eNingizimu Afrika. Lo mdlali wase-Argentina usefomini enhle kuMaZulu kule sizini. Uyena ohola leli qembu njengesibani phambili ngokushaya amagoli abalulekile.
Ukuhlohla kwakhe amagoli sekuhehe umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane. Ngaphandle kokugagula igama lakhe uMosimane uthe usebone umgadli omuhle odlalela iqembu laKwaZulu-Natal futhi useke wakhuluma nomqeqeshi wakhe. UMosimane ukubeke kwacaca ukuthi ngeke alilahle ithemba ngokuthola lo mgadli.
Imenenja jikele yoSuthu, uLunga Sokhela, ayiyingeni indaba yokudayisa uTade.
“Akazange abalule magama (esho uMosimane). Uthe kunomgadli omuhle ndawana thize eKZN. Lowo mgadli kungaba oweLamontville Golden Arrows noma iMaritzburg United. Nokho alikho iqembu elisakhulume nathi mayelana nomdlali othile. Uyazi nawe ukuthi uma kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali kuhlale kuzoba namahlebezi nokuqagela. Asizimisele ngokudayisa uTade njengoba kuvulwe iwindi lokushintshana ngabadlali,” kusho uSokhela.
UTade ushaya into ecokeme kuMaZulu kule sizini. Ukhethwe njengomdlali obaqwaqwade bonke emakhanda ngoNovemba nangoDisemba. Lo mdlali wase-Argentina useshaye amagoli amahlanu emidlalweni engu-18 yeligi.
“Asikho esimeni sokudayisa abadlali. Into esiyibheke kakhulu yiTop 8 neNedbank Cup. Ukudayisa abadlali ngeke kusisize ngalutho,” kwengeza uSokhela.
Selokhu kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali Usuthu selusayinise * -Ayabulela Konqobe.
“Akukho okukhulu okuzokwenzeka kithina kuleli windi. Kunalokho singase sikhuphule umdlali noma ababili abadlala eqenjini lethu leMutlichoice Diski Challenge. Kungenzeka sibe nomdlali wasemuva maphakathi ozofika ezohlolwa,” kuchaza uSokhela.
Usuthu luke lwazithola lubamba luyeka emuva emidlalweni ethile ngakho akumangazi ukuthi lungase luzame ukuqinisa le ndawo. Badlala ibhola elihle kakhulu bese bezithola benzelwa phansi ukudedela amagoli angenasidingo emuva. Usuthu seludedele amagoli angu-24 emidlalweni yeligi engu-18.
Kuleli sonto AmaZulu azoke ame kancane ukudlala imidlalo yeligi njengoba kuneNedbank Cup. Bazobhekana neHighlands Park eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku.