UMDLALO wangempelasonto wabakhaya baseSoweto ungaphezulu kokulwela isithunzi kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Kodwa kozonqoba usho ukusondela ekuphakamiseni indebe okuyinto womabili amaqembu osekuneminyaka ayigcina.
Umdlalo, ongowandulela owamanqamu kwiTelkom Knockout, useMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Okunye okubalulekile ngalo mdlalo ukuthi oyedwa wabaqeqeshi, uGiovanni Solinas weChiefs noMilutic “Micho” Sredojevic wePirates uzobe esesele ngomdlalo owodwa ukuthi akwazi ukubhalisa igama lakhe kubaqeqeshi asebeke banqobela lezi zinkunzi izicoco.
USolinas ufike ekuqaleni kwesizini kuMakhosi kodwa izinto azikamhambeli kahle njengoba abalandeli sebeqalile ukumkhomba ngenjumbane.
Ukungatshazwa kwamagalelo akhe kugqame ngemuva kokwehlulwa iPirates kowabakhaya kwi-Absa Premiership.
Usolwa kakhulu ngokupheka ethulula esikimini kanti abanye bakhala ngokuqubisa emidlalweni angashintshi noma sekubonakala sengathi amaqhinga akhe awahlangani.
Ngaphandle kokuthi abanye abalandeli beChiefs bazoya emdlalweni kungaqinile ukwethemba ezabo ngenxa yefomu ephansi yakamuva uma iqhathaniswa neyamaBhakabhaka, iqembu labo lagcina ukuhlula eZimnyama ngo-2015 kuyona yonke imiqhudelwano.
Mhlawumbe osekungabuyisa ithemba ngaleli qembu elizobe lingosokhaya, wukuthi seliyihlule kabili iBucs eMabhida kweyomkhumulajezi.
La maqembu ahlangana kowandulela owamanqamu weTelkom ngo-2010, iChiefs yadlula ngo 3-0 sekukhahlelwa amaphenathi ngaphansi kobuholi buka-Vladimir Vermezovic, okwakunguyena owayehlezi ebhentshini. UVermezovic iyona kuphela indebe ayinqobile kwiChiefs ngaphambi kokuthi akhonjwe indlela. Ngo-2014 la maqembu atholana phezulu kwelikaBhanana kowamanqamu weMTN 8 kwadlula Amakhosi, izintambo zibanjwe uStuart Baxter.
Ngo-2015 uSteve Komphela ukwazile ukujabulisa abalandeli bedla iBucs kowandulela owamanqamu weTelkom (eFNB) kodwa bagcina ngokudliwa yiMamelodi Sundowns kwifayineli ngo 3-1 eMabhida. Lona iwona unyaka iChiefs egcine ngawo ukuhlula iBucs.
Uma uSolinas nezakhe behluleka wukugcina leli rekhodi elingenagcobho laseMabhida kweyomkhumulajezi, akwaziwa ukuthi abalandeli beChiefs bazokwazi yini ukugcina isiqubulo sabo “abafana bokuthula noxolo”.
Igcina ukukhishwa kowomkhumulajezi weNedbank Cup ngesizini edlule, inkundla yasala icekelwe phansi, abanye abantu bavuka ezibhedlela ngenxa yabalandeli abaze bashisa nengxenye yezihlalo.
Ngasohlangothini lwePirates yize izinto zibukeka ziyihambela kahle kodwa noMicho akakanqobi lutho selokhu efikile ngesizini edlule. IPirates isineminyaka emine ingawini lutho njengoba yagcina ngeNedbank Cup ngo-2014 kanti iChiefs isinemithathu ilindile.
Irekhodi leChiefs nePirates kweyomkhumulajezi kwiPSL:
1997/98 - Bob Save (2nd Round):Chiefs 0-1 Pirates
1998/99 - Bob Save (semi final): Chiefs 3-1 Pirates
2001/02 - MTN 8 (Semi final): Chiefs 1-0 Pirates
2005/06 - Absa (Final)Chiefs 5(0) -3(0) Pirates (penalties)
2009/10 - Telkom (Semi final): Pirates 0(0)-3(0) Chiefs (penalties)
2010/11 - MTN 8 (Semi final 1): Pirates 1-1 Chiefs
MTN 8 (Semi final 2)Chiefs 0-1 Pirates
Telkom (Final):Pirates 0-3 Chiefs
2011/12 - MTN 8 (Final): Pirates 1-0 Chiefs
2012/13 - MTN 8 (Semi final 1): Chiefs 0-1 Pirates
MTN 8 (Semi final 2):Pirates 1-1 Chiefs
2014/15 - MTN 8 (Final):Pirates 0-1 Chiefs
2015/16 Telkom (Semi final): Chiefs 6(0)-5(0) Penalties