UZOGIBELA ibhanoyi okokuqala osebenza ezingadini njengoba eyomela elakuleli emjahweni wase-United Kingdom obizwa nge-39th Virgin Money London Marathon.
UMnuz Michael Ndlovu (52) waseMandeni, kuzofezeka iphupho lakhe leminyaka lokuba agibele ibhanoyi njengoba ezoba esemoyeni u-10 000km esethatha lolu hambo kule nyanga.
Umjaho azoba ingxenye yawo uzoba ngo-Ephreli 28 nonyaka.
Lo msubathi usizwa abaqashi bakhe baka-Urban Lime Properties ekufezeni leli phupho lakhe.
Le nkampani iqashe uNdlovu ukuba asebenze ezingadini zendawo yabo esemgwaqweni uFlorida eThekwini.
UNdlovu akalona ivukana kwezokusubatha njengoba esegijime iComrades Marathon iminyaka engu-20 ilandelana. Ngo-2017 waphuma indawo yesibili kwabaneminyaka engaphezu kuka-50, eshaya isikhathi esingu-06:49:41. Uphinde amele iKwaZulu-Natal uma kugijinywa amabanga amade.
“Ngizogijima kuze kube ngificwa ukufa. Ukugijima kuyingxenye yempilo yami. Engikuhlosile ukuba ngikhule kuyo yonke imijaho engiyenzayo, ngenze kahle,” kusho uNdlovu.
Akukho lula ukugijima kulo mjaho azoba ingxenye yawo uNdlovu njengoba bekunabasubathi abangu-386 050 ababhalisele lo mjaho kodwa kwathathwa abangu-38 000.
UNdlovu uzobe egijimela inhlangano iFields in Trust, evikela imvelo. UNdlovu nenkampani yakhe i-Urban Lime bakholelwa kakhulu ekutheni imvelo kumele ivikelwe.
Isikhulu se-Urban Lime, uMnuz Jonny Friedman, sithe: “UNdlovu ugijima cishe * -20km eya noma esebuya emsebenzini zonke izinsuku. Ukuthanda kwakhe ukugijima kwasenza sahlabeka umxhwele nathi njengenkampani. Siyaziqhenya kakhulu ukuthi uzomela i-Urban Lime nezwe lakuleli kulo mjaho.”
Abafisa ukuseka uNdlovu ngeminikelo bengangena kule-website: https://uk.virginmoneygiving.com/MichaelNdlovu