INGAKAPHENDULEKI imibuzo ngokuhoxa kukaPhakamani Mahlambi esikwatini seBafana Bafana ebesidlala kwiCosafa Cup eThekwini, sekuphinde kwaqhathululwa uRivaldo Coetzee naye odlala kompetha be-Absa Premiership.
UCoetzee ubebizelwe esikwatini sikaStuart Baxter esizolibangisa e-Egypt kwi-2019 Africa Cup of Nations (Afcon) edlalelwa ezweni likaPharoah kusuka ngoJuni 21.
Izolo ntambama kuvele ezithi uCoetzee waseKakamas, eNorthern Cape akasekho ezinhlelweni zikaBaxter ngemuva kokungatheleki ekhempini yeqembu lesizwe eseSteyn City School, eFourways, eGoli kusuka ngeledlule.
UCoetzee wazicelela kumqeqeshi wambikela ukuthi ugulelwa kabi ngunina eKakamas wacela ukuqala abheke yena.
Nokho okugcine kumkhipha ezinhlelweni zikaBaxter wukungaxhumani nomqeqeshi nethimba lakhe abazise ngesimo sikanina nendlela yena umdlali azilolonga ngayo ukungasaleli emuva kozakwabo.
“Simnike ithuba lokuyoba nonina ngemuva kwalokho kwathula izinsuku ezintathu. Kuzofanele ngimnqume ngoba angazi kuqhubekani ngaye. Engikushoyo wukuthi akaze abuye kithi, lokho kuyadumaza,” kusho uBaxter kwi-Africa News Agency.
UMike Makaab weProSport International ephethe izindaba zikaCoetzee, uvumile ukuthi umdlali uphazamisekile ngokuxinwa wukugula kukanina kodwa wangena ezintangeni esebuzwa ngokudliwa yizembe kwiBafana.
“Engikwaziyo mina wukuthi unina ubangwa nezibi,” kusho uMakaab.
Kuzokhumbuleka ukuthi uCoetzee uvele ungene ngembobo yenaliti kwiBafana kwazise usanda kubuya ekulimaleni ngemuva kwesizini nesigamu exakwe wukulimala okungalapheki.
@BafanaBafana coach Stuart Baxter wishes @Banyana_Banyana good luck tonight. pic.twitter.com/xhBfXpXxGz
— Banyana_Banyana (@Banyana_Banyana) June 8, 2019
@BafanaBafana coach Stuart Baxter wishes @Banyana_Banyana good luck tonight. pic.twitter.com/xhBfXpXxGz
— Banyana_Banyana (@Banyana_Banyana) June 8, 2019
Ubuye kwiSundowns ngasekupheleni kwesizini edlule esedlaliswa esiswini.
“Ngiqiniselile vele ngokumbiza engadlalanga ngokwanele uRivaldo ngoba ngicabanga ukuthi unekusasa,” kusho uBaxter.
UCoetzee unayo inhlanhla kunobhutshuzwayo kodwa kuhlezi kunethunzana elimnyama elifuna ukuyithiya.
Kuzokhumbuleka ukuthi iSundowns imthenga kwi-Ajax Cape Town ibimsindisa okhwantalaleni ngemuva kokubhuntsha ngemizuzu yokugcina kokuthengwa kwakhe yiGlasgow Celtic yaseScottland okwakudlala kuyo ukaputeni weNetherlands, uVirgil van Dijk.
Nakhona iSundowns isimthenga wacishe akangasayina kwazise walala ebaliwe eKapa ebanjelwa ukushayela ngesivivi esevile.
Uthe uma esechaza wavika ngokuthi ubephuthuma ukuyoposa ngezindlela zesimanje amaphepha ayezobhalisa ngawo njengomdlali wamaBrazilians ngemizuzu yokugcina yewindi lokuhwebelana ngabadlali.
Ukusala kukaCoetzee kushiya uBaxter nezitobha ezidlala maphakathi ezintathu okunguThulani Hlatshwayo ongukaputeni nozakwabo kwiBidvest Wits uBuhlebuyeza Mkhwanazi noDaniel Cardoso weKaizer Chiefs.
“Besizama ukuthola umuntu ozovala isikhala kwiCosafa kodwa kubukeka sekuyindaba endala,” kusho uBaxter.
Enye inkinga kaBaxter wukungatholakali komdlalo wobungani ngaphambi kokuthi aphume nesikwati sakhe sokugcina kusasa.
Kwi-Afcon iBafana iqhathwe neMorocco, Namibia ne-Ivory Coast evula nayo ngoJuni 24.
Kusasa uBaxter uzomemezela abadlali abawu-23 azogijima ngabo kwi-Afcon.