ISIPHINDE yagqemeka engeqiwa ntwala iKaizer Chiefs kulimala umdlali wayo obukeka enekusasa eliqhakazile kwelikanobhutshuzwayo, uNkosingiphile Ngcobo.
Lo mdlalo oneminyaka ewu-19 ngeke esabonakala edlubhe ijezi leChiefs enkundleni kule sizini kanti uzophinde aphuthwe nayiFifa Under-20 World ezobanjelwa ePoland ngoMeyi kuya kuJuni.
“UMshini”, obesisikwatini sika-Under 23 esiqala eyokuhlungela ama-Olympics ne-Angola ngoLwesihlanu, uphume ngohlaka iChiefs idlala neSuperSport United ngoLwesihlanu olwedlule.
Ngemuva kokuhlolwa okubanzi iChiefs iqinisekise kwi-twitter ngoLwesithathu ukuthi kuzothatha izinyanga eziyisithupha ukuthi alulame.
UNgcobo ulimala nje abalandeli beChiefs abawuvali umlomo ngaye ngemuva kokumbuka emidlalweni emibili edlule yaleli qembu.
Ungene ngesiwombe sesibili iChiefs inqoba kwiMaritzburg United ngo-1-0 kanti uwuqalile umdlalo bebhekene neSupersport nokuyilapho ekhishwe khona ngohlaka ngomzuzu ka-76.
Ushaye into ecokome ngesikhathi iqembu lakuleli lika-Under 20 lilala isithathu kwi-Africa Under-20 Africa Cup of Nations (Afcon) ngenyanga edlule eNiger nokuyikho okulibekisele indawo kwiWorld Cup esePoland ngoMeyi noJuni.
Kwabalimale okwesikhathi eside kwiChiefs kule sizini,, uNgcobo ujoyina uMulomowandau Mathoho‚ Joseph Molangoane, Happy Mashiane, Lebogang Manyama no-Itumeleng Khune oyoze abonakale ngesizini ezayo.