ISILOMO somshwibi wamaProteas, uDuanne Olivier, sithi nakuba sikujabulela ukudlala enkundleni iBidvest Wanderers eseGoli kodwa lokho asifuni kuhumusheke ngokuthi sifuna ukujoyina iHighveld Lions.
U-Olivier ugijimela iVKB Knights eNingizimu Afrika athi usakujabulela kakhulu ukuyidlalela. Nakuba kucacela noma ngubani ukuthi izinsiza nemali angakuthola kwiLions ngeke kwafana nakuthola kwiKnights, * -Olivier uthe amaphaphu phansi ngoba usazohlala eFree State okwamanje.
Iningi lisababaza ukudlala kuka-Olivier othathe amawikhethi awu-24 emidlalweni emithathu yamaTest edlalwe amaProteas nePakistan.
Ukudlala kahle kuka-Olivier kumenze wahlabana ngomklomelo i-Man Of The Series.
Akuyona into efihlwayo ukuthi uzindonsele amehlo amaningi, ikakhulukazi ezikhulwini zamaqembu angeke aba nencane inkinga yokumholela itshe lemali.
“Ngiyakuthokozela impela ukushwiba eBidvest Wanderers kodwa angifuni kuzwakale sengathi ngifuna ukusayina kwiLions. Njengamanje ngisajabule kwiKnight kodwa futhi akusho ukuthi ngiyofela khona. Okwanje ngisafuna ukuhlala khona, ngoba ngiphethwe kahle,” kusho u-Olivier.
Ebuzwa ngaphambi kokuqala kochungechunge nePakistan ukuthi wake yini wakucabanga ukuthi uyokwehlula uKagiso Rabada, ongumshwibi ohamba phambili kunabo bonke emhlabeni, Dale Steyn, Vernon Philander ngokuthola amawikhethi amaningi, u-Olivier uvele wafa yinsini.
“Ukube ukhona umuntu owangitshela ukuthi ngizohamba phambili ngokuthola amawikhethi kulolu chungechunge ngangingeke ngimkholwe neze. Ngiyaziqhenya ngengikwenzile kodwa futhi ngiyazi ukuthi kungenxa yabo abashwibi esinabo kumaProteas, abasezingeni eliphezulu,” kuncoma u-Olivier.
AmaProteas asezodlala imidlalo emihlanu yosuku olulodwa nePakistan ezoqala ngoMgqibelo. Umdlalo wokuqala uzoba se-St Georges Park, ePort Elizabeth, ngo-12.30 ntambama.