KUVELE okushaqisayo ngomgadli weBafana Bafana, uLebohang Mothiba, okukhalwe kakhulu ngokuthi umqeqeshi, uStuart Baxter, umbekezelela kuze kweqe ngisho kucacele noma ubani ukuthi izinto azimvumi.
Emva kokukhahlelelwa ngaphandle kweBafana yiNigeria ngo 1-0 ngoLwesithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), uBaxter ubuzwe ngembangela yokuthanda kwakhe ukugcina uMothiba ngisho sekubonakala ukuthi izinto ziyamphika.
Esikhundleni sokuphendula, uBaxter uveze okuzoshiya abaningi beshaqekile. Uthe uthole ngaphambi komdlalo weNigeria we-quarterfinal ukuthi uMothiba ufike ekhempini evele enenkinga yobuhlungu abuzwa enqulwini futhi neqembu lakhe laseFrance, iStrasbourgh FC liyakwazi lokhu.
Kulo mdlalo iBafana ekhishwe kuwona kubukeka sengathi inganqoba uma izimisele, uMothiba uqophe umlando kwi-Afcon ngokukhuzwa unondweba amahlandla ayishumi. Uze wathola nekhadi eliphuzi.
Ngomzuzu ka-85, uBaxter uphinde abelokhu ekwenza kusukela iqalile i-Afcon ngokufaka uLars Veldwijk naye ongene waziphambanela nalo njengoba ebevele enza.
Kuliqiniso elingenakuphikiswa ukuthi into engenelwa wumgadli enkundleni ukuqobela amabhola enethini ngakho-ke akufanele babukwe kabi laba abagxeka uBaxter ngokuthi ukholelwa kakhulu kulo mgadli ngisho sekucaca ukuthi izinto ziyamphika.
UBaxter ucishe wagxuma ebuzwa ngokugcina kwakhe uMothiba oneminyaka ewu-23 futhi enerekhodi elihle eFrance kusukeka ngezikhathi zakhe esekwiLille.
UBaxter uthe: “Ngaphambi komdlalo weNigeria ngibone ngoLebo (Mothiba) eza kimina ehamba nodokotela lapho efike wangichazela khona ngenqulu emhluphayo. Uthe kimina le nkinga neStrasbourgh iyayazi. Sibe sesibona isidingo sokuthi simhlole ngaphambi kokubhekana namaSuper Eagles.
“Isizathu sokumkhipha kwami besingahlangene nokudlala kumbe amaqhinga kodwa ubekhala ngokuzwa ubuhlungu enqulwini. Angikholwa ukuthi ushaye udaka kulo mdlalo. Usemncane. Udlala nabantu abanesipiliyoni ngaso sonke isikhathi ngakho asimvumele akhule. Uzoba wusizo kithina kusasa. Indlela adlale kahle ngayo kwiNigeria engalitholi ngendlela ibhola ingihlabe umxhwele.”
Kuyathusa-ke nokho ukuthi umdlali uze wazikhulumela yena ngosuku lomdlalo wesihlanu womqhudelwano kodwa isethenjwa esinguKeagan Dolly nonozinti ofana nomqeqeshi uma esenkundleni, * -Itumeleng Khune, bebengekho e-Egypt ngenxa yokulimala.