KUVELA okumangazayo ngombango wobunikazi phakathi kwabakwaMpisane njengoba kuthiwa ifomu yobulunga baleli qembu kule sizini ka-2019/20 elisefayilini yaleli qembu eligcinwe yiPremier Soccer League (PSL) alisayinwanga ngusihlalo weqembu okunguSbu Mpisane.
Ngokusho kosibhincamakhasane lo mbango wobunikazi phakathi kukaMpisane nomkakhe uShauwn ubhebhethekiswa nawukuthi laba abaganene basezinhlelweni zesehlukaniso somshado nosekuholele ekutheni bangahlali ndawonye.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi ngoLwesine isigungu esiphezulu sePSL silalele isethulo sikaMpisane okunguyena sihlalo weqembu ngokwamaphepha eligi.
Lapha kuthiwa uMpisane ubezocacisa ngamahlabezi asesabalele athi akaseyena usihlalo weqembu ekubeni engakaze enze isivumelwano nomunye umuntu.
“Kuthiwa ngaphandle kokucacisa ngesimo esikhona kodwa uphinde wanxusa iPSL ngokuthi ayingazigaxi ezindabeni zomndeni wakwaMpisane ngoba lokho kungagcina kudicilele isithunzi sePSL phansi nabaxhasi,” kusho umthombo.
Umthombo uthe kusuke esinamathambo ngesikhathi uMpisane eveza ukuthi akakayisayini ifomu yobulungu baleli qembu ngale sizini.
“Ngemuva kokuthi eveze lokhu kutatazeliwe kwayolandwa amaphepha amadala lapho ayesayine khona ngenhloso yokuzoqhathanisa izandla ngendlela asayina ngayo nokuhlalukile ukuthi azifani.
“Kuthiwa kube yilapho isigungu sinqume khona ukulufakela izibuko lolu daba ukuze kutholakale umsuka walo,” kuchaza umthombo.
Kuvela konke lokhu nge-Eagles imidlalo yeGladAfrica Championship izoqala ngoMgqibelo kanti uma kuwukuthi indaba yobulungu beqembu abukalungiswa ingazithola idlala imidlalo ngaphansi kwesikhalo esivela kwamanye amaqembu.
Ethintwa ukuba aphawule ngale ndaba uMpisane uthe: “Ngiyaxolisa ngeke ngikwazi ukuphawula ngodaba olusezithebeni zeligi.”
UJames Dlamini, oyimenenja jikelele ye-Eagles, uthe yena ngeke akwazi ukuphawula ngokuthi ngubani owasayina ngoba akuwona umsebenzi wakhe.
“Ukusayinwa kwamaphepha nezindaba zobunikazi akuzona ezami, zibhekene nabaphathi. Lokho kuyizindaba zangaphakathi engingeke ngakwazi ukuphawula ngazo,” kubeka uDlamini.
ULuxolo September, obhekene nezokuxhumana kwiPSL, uziqhathululile wathi yonke imbuzo ayibhekiswe esikhulwini esiphezulu sePSL esisabambile uMato Madlala.
Ethintwa uMadlala akazange alokhu eshona ezintangeni, uvele wathi: “Cha, ayikho into engingayisho ngale ndaba ngiyaxolisa.”
Ngokunjalo noShauwn (umkaMpisane) akazange awuphendule umbuzo abethunyelelwe wona ngomqhafazo ngodaba lokusayinwa kwale fomu kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.