NGESIKHATHI kuqala umzuliswano wesibili wemidlalo ye-Absa Premiership umqeqeshi wePlatinum Stars, uRoger De Sa, uphawule wathi babheke okungenani amaphuzu angu-15 emidlalweni engu-15 ebisele.
Ubekusho lokhu ngemuva kokuthi iDikwena iqede isigaba sokuqala nalesi sibalo samaphuzu. Ngokusho kwakhe izibalo bezikhomba ukuthi uma bengaqeda benamaphuzu angu-30 bazokwazi ukuvika izembe.
Namanje izibalo zisavuma ukuthi bangawathola amaphuzu angu-15 kwangu-30 asezodlalelwa njengoba sebenemidlalo engu-20.
Kodwa okungaqondakali wukuthi ngabe lesi kuzobe kuyisibalo esanele yini ukuvika izembe. Selokhu kuqale unyaka uDe Sa neqembu lakhe abakanqobi nowodwa umdlalo kweyisithupha abayidlalile kuhlanganisa noweNedbank Cup lapho bekhishwe yiBaroka FC.
IDikwena, uDe Sa osengomunye wabaphathi bayo ngemuva kokudayiswa, ishaywe imidlalo emine kwiligi kusukela ngoJanuwari. Ifake iphuzu elilodwa emgodleni wayo ibambana ngo 3-3 neChippa United emasontweni edlule.
Lokhu kuyibeka emsileni kwi-log ngamaphuzu angu-16. Ihlukaniswe ngamaphuzu amahlanu ne-Ajax Cape Town esendaweni ka-15.
Ngesizini edlule iqembu eligawulwe yizembe kube yiHighlands Park egcine iqoqe amaphuzu angu-27 emidlalweni engu-30. Eliye kumaPlay Off kube yiBaroka ngamaphuzu angu-28.
IChippa neFree State Stars bebenamaphuzu alinganayo neBaroka basindiswa yisibalo samagoli.
Uma iDikwena izimisele okungenani ukungena emidlalweni yokuhlunga kumele iqale ishaye iSuperSport United namuhla eRoyal Bafokeng Stadium ngo-7.30 ebusuku.
Kumele lo mphumela iwulandelise ngoweMaritzburg United ngoLwesihlanu eHarry Gwala Stadium.
Omunye wabadlali abadala kwiStars osenqobe nayo izicoco, uRobert N’gambi, uthe kumele bazinuke amakhwapha ngesimo iqembu elikusona. UN’gambi obengomunye wabagqamile bedla isicoco seTelkom Knockout neNedbank Cup kumasizini edlule, ubephawula esitatimendeni esithunyelwe yiqembu izolo.
“Kumele ngizibheke mina ukuthi yini engiyenzele iqembu. Mangaki amagoli engiwashayile, ngakha amangaki. Kulo mdlalo sikhuluma ngeqembu kodwa kwesinye isikhathi umdlali oyedwa angalisiza iqembu. Ngakho njengomdlali waphambili kumele ngikhathazeke ngokuthi angiwashayi amagoli. Kumele sibhukule sinqobe imidlalo yasekhaya,” kusho uN’gambi.
I-United izoza emdlalweni weStars nayo ibalwa namaqembu abalekela ukudlala kweyokuhlunga. Iyibambe kunombolo-12 ngamaphuzu angu-24. Amanye amaqembu asengozini yezembe yiLamontville Golden Arrows (23), Polokwane City (22) bese kuba yi-Ajax enamaphuzu angu-21.