YIZE exolisile uBongani Zungu ekuphaphalazeni kwakhe engcofa uMicho Sredojevic noPitso Mosimane ngesikhathi encoma uRulani Mokwena, kodwa kubukeka esazoba nesigcwagcwa esikhulu.
Udweshu lusuke ngokuthi uZungu odlala kwi-Amiens eFrance nakwiBafana Bafana ebhale kwiTwitter encoma uMokwena ngokunqoba kwe-Orlando Pirates eyehlule iPolokwane City ngo 2-1 izolo ebusuku.
NgokukaZungu, uMokwena uyena oshintshe izinto kwiBhakabhaka kunoSredojevic.
Ngesikhathi oyedwa wabalandeli bakhe ecela ukuthi aqhakambise iqhaza likaSredojevic uZungu uvele waqhubeka wadalula ukuthi nakwiSundowns kwakuwuMokwena owayenza umsebenzi.
UZungu uze wafaka negama likaKeagan Dolly, ayegijima naye kwiDowns, wacela amufakazele.
"Ngithembe uma ngithi uyena (owenza umsebenzi). NakwiSundowns, buza u-@dolly_keegan07 uzokutshela," kubhala uZungu kuTwitter.
Abamshiyanga abalandeli bemsola ngokuthi ubukela phansi uMicho nokuyikho okuholele ekutheni agcine exolisile uZungu.
— Bongani Zungu (@BonganiZungu08) November 7, 2018
Akumvimbanga kodwa lokho uBenni McCarthy ukuthi amgxeke ngokubukela phansi uMosimane owamsiza ukuthi awelele phesheya.
Wow didn’t expect u to have so little class my man @BonganiZungu08 disrespectful to coach Pitso for building your career so that you can succeed in Europe now you pushing assistant coach rulani to be the brains behind Pirates success,wow😮Friends or not some respect Son 🤔
— Benni McCarthy (@bennimccarthy17) November 7, 2018
Ngenxa yokulimala uZungu akekho esikwatini seBfana esizodlala neNigeria ngoNovemba 17.
UBen 10 uphawule kanjena nje, bahlukene phakathi abalandeli bePirates ngalolu daba kulandela ukubonakala kukaRulani kungathi uphikisa uMicho emdlalweni wayizolo. Abaningi bebezibuza ukuthi ubani umqeqeshi phakathi kwabo.
Who’s the real coach at Pirates? @robertmarawa #AbsaPrem pic.twitter.com/quGor26Myx
— Budlelwane Dalasile (@BudleWayne) November 6, 2018