UKHOLELWA ekutheni bangayizuma iMamelodi Sundowns umqeqeshi weMaritzburg United, uMuhsin Ertugral ongafihli ukuthi ubhekene nengwadla yokuqinisa iqembu ngaphambi komdlalo wabo we-Absa Premiership nompetha beligi namuhla ngo-7.30 ebusuku eLoftus Stadium, ePitoli.
Kuze kube yimanje iMaritzburg iyona esemsileni kwiPremiership kodwa akakhathazekile kangako u-Ertugral obona lo mdlalo wabo wanamuhla njengephilisi abalidingayo ukuze baguqule izinto. Obekukhalisa kakhulu lo mqeqeshi ukulinyalelwa nokushoda ngabadlali kodwa konke lokhu kubukeka sekulungile manje.
UYannick Zakri obengaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo usebuyile eqenjini kanti uMohau Mokate obelimele useluleme ngokugcwele. Ngaphezulu kwalokhu, u-Ertugral usayinise uThabiso Kutumela obekwi-Orlando Pirates. Usayine iminyaka emithathu uKutumela obeqiwa yijezi kwiBucs. UJudas Moseamedi (ogcine ukubonakala kwiFree State Stars) naye usesemabhukwini eTeam of Choice ngokubolekwa kwiCape Town City kuze kube isekupheleni kwesizini kanjalo noMpho Matsi naye obedlala ngaphansi kukaBenni McCarthy.
Ekhuluma ngomdlalo u-Ertugral uzwakalise enkulu inhlonipho ngeSundowns. Ukushilo nokuthi akakazi noma bazohlala emuva bayixine ngejubane noma bazovele bayingene zisuka amagqozo.
“Ukudlala neSundowns kunzima kabi kodwa konke kulala kuwena ukuthi ufuna ukwenzani. Sibe nesonto lonke ukuzilungiselela lo mdlalo esaziyo ukuthi uzoba nzima kodwa futhi esiqondayo ukuthi umqoka kangakanani kithina. Kuhle ukululama kwabadlali ngoba sithole nethuba lokusebenza noFortune (Makaringe) noMo (Mohau Mokate) abebelimele.
“Bobabili laba badlali bezibonakala izikhala zabo kule midlalo emibili edlule neGolden Arrows neFree State. Abagadli ebengikhala ngabo sebekhona futhi babukeka besesimeni esifanele. Sesingakhulekela ukuthi bangene bathi khaxa kwesifuna bakwenzele iqembu ngoba isimo esikusona asisihle neze,” kusho * -Ertugral.
“Inzima iSundowns kodwa njengomqeqeshi kungumsebenzi wami ukwenza ukuthi abadlali bakukholwe ukuthi banawo amava okuyishaya. Ubani owaziyo ukuthi kungenzekani uma singayishaya? Mhlawumbe leli yilona iphilisi esilidingayo ukuguqula isimo sethu kwi-log,” usho kanje u-Ertugral.
UKutumela uke wasebenza no-Ertugral esekwiPirates kanti uMoseamedi noMatsi basebenze kakhulu nalo mqeqeshi kwiMpumalanga Black Aces eyathengwa yashintshwa yaba iCape Town City.