UMANDLA Ncikazi oyiphini lomqeqeshi kwiLamontville Golden Arrows uthe usazohlala eqenjini ngoba akafuni ukugcogcoma
IPHINI lomqeqeshi kwiLamontville Golden Arrows, uMandla Ncikazi, lithi amaphaphu phansi kubalandeli beqembu lisajabule kuBafana Bes’thende nakuba iya ngokuqina imibiko ethi umngani walo omkhulu uSteve “Mphathi” Komphela uyaleshela ukuba baphinde basebenzisane lapho ezoqashwa khona.

Laba baqeqeshi basebenze kahle kwiMaritzburg United befaka iTeam Of Choice kwiTop 8 ngesizini ka-2014/2015. UKomphela ushiye sekukubi kwiKaizer Chiefs ngesizini ephelile ngesikhathi ezakhe zithelwa othulini iFree State Stars ngo 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-Ephreli nonyaka.

“Kuliqiniso elingephikwe ukuthi kunobhutshuzwayo kungenzeka noma yini. Kulukhuni satshe ukuphendula ukuthi ungasebenza nobani noma ngeke usebenze nobani ngoba ikusasa kalaziwa. Nokho ngiyafisa ukukuveza ukuthi ngijabule kwi-Arrows. Usihlalo we-Arrows (esho uMato Madlala) ungiphethe kahle kakhulu angikhali ngalutho,” kusho uNcikazi oveze ukuthi bamatasa kulezi zinsuku ngokuhlola abadlali be-Arrows abayibamba kwiMultiChoice Diski Challenge (MDC).

Isolezwe lithole ukuthi uKomphela ufunwa amaqembu amaningi okubalwa kuwona amabili aphesheya kwezilwandle, “nenqwaba” yamaqembu ayibamba kwi-Absa Premiership okukhona kuwona nelilodwa eGauteng.

Ngesikhathi uNcikazi ebuzwa ukuthi ugcine nini ukukhuluma nomngani wakhe uKomphela uvele wafa yinsini.

“Sisuka kude naye. Sixoxa njalo kwazise siyezwana. Angicabangi futhi ukuthi ukuxoxa naye kusho ukuthi uyangeshela ukuba siphinde sisebenze naye,” kusho uNcikazi.

“Ebholeni akufanele ube ngumantuntanendishi futhi akufanele ushintshe isidingo singekho. Uma ushintsha idolobha uyosebenzela kwelinye ziningi izinto okufanele uzibukisise okubandakanya nomndeni. Enye ingozi ekhona eyokubuka utshani buluhlaza uma usekude kuthi ungasondela eduze bese uyabona ukuthi cha abuluhlaza bungomunye umbala obungawulindele,”

Lo mqeqeshi oke wacija iMaritzburg uveze ukuthi i-Arrows isemakethe ithungatha umgadli ongalibheki ipali.

“Inkinga yamagoli inkinga wonke amaqembu kwi-Absa Premiership abhekene nayo. Nathi-ke sinenkinga efanayo kungakho sithungatha umgadli ongalibheki ipali. Asimbhekile kuphela kuleli kodwa nasemazweni ase-Afrika sifake iso. Nokho asifuni ukudlalelwa ama-video bese sisayinisa umuntu. Sifuna ukumbona esenathi ukuthi udlala kanjani ngoba inkinga ebhekana kakhulu nabagadli bangaphandle ukuthi bathatha isikhathi ukujwayela isitayela sakuleli,” kusho uNcikazi.