ULerato Chabangu edlalela iBafana Bafana ngesikhathi ibhekene neCape Verdr kwi-Africa Cup of Nations eFNB Stadium ngo-2013. Isithombe: Barry Aldworth/BackpagePix

OWAYENGUMDLALI weMamelodi Sundowns neBafana Bafana uLerato Chabangu uthi usangayiguqula impilo yakhe abuyele ebholeni. UChabangu uveze lokhu engxoxweni noRobert Marawa ohlelweni lwakhe iSport Worldwide kuRadio 2000 ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlali usematheni kulezi nsuku kulandela ukusabalala kwesithombe sakhe ezinkundleni zokuxhuma ephethe ibhodlela likabhiya ebukeka esesimeni esingesihle.

Lesi sithombe sithuse abaningi kwazise uChabangu (33) ubedlalela iqembu eliphambili kuleli futhi wayebalwa nabayikha ngamafosholo kwelikanobhutshuzwayo njengoba ayebizwa nakwiBafana.

Uqale ukudlalela iSundowns ngo-2005, wayishiya ngo-2009 ngaphambi kokuvumbuka kwiMoroka Swallows ngo-2011 kuya ku-2015.

Iqembu elikhulu agcina ukulidlalela kwaba yiChippa United kanti kubikwa ukuthi akasenalutho futhi usehlala nogogo wakhe.

“Ungasho ukuthi bengizifihla kubantu. Angisayi ngisho ezinkundleni zemidlalo. Ngizizwa ngiphethwe wukhwantalala, ngiziduduza ngokuhlala ngedwa ngibuke ithelevishini. Ngiphoxe abantu abaningi,” kuchaza uChabangu.

“Ngachitha isikhathi ezindaweni ezingalungile, abangani bami abaningi babehlala elokishini. Imina engazimoshela izinto kodwa, ngeke ngikwazi ukusola abanye. Uma uhlala ezindaweni ezingalungule, ububi bazo buzokuthola,” usho kanje.

UChabangu uthe usanentshisekelo yokubuyela ebholeni. Uthe uyazi ukuthi akuyena yedwa obhekene nokhwantalala ngakho uhlelo ukuvula inhlangano iLerato Chabagu Foundation ukulekelela abanye ukuze bagwame amaphutha awenza.

 “Ngifuna ukulekelela intsha ngoba angifuni iphile le mpilo engayiphila. Qikelela okwenzayo empilweni, uqinisele, uthandaze, kuzokusiza. Ngiyabonga ngothando engilutholayo kulabo abangesekayo, ngiyabonga kakhulu. Angikaze ngiyeke ukudlala ibhola, ngisangadlala cishe omunye unyaka noma emibili uma nginganikezwa ithuba.”