USIHLALO weMaritzburg United, uFarook Kadodia, uthi usekhululeke ngaphakathi emuva kokuthi iBidvest Wits ihoxise isimangalo sayo kwiPremier Soccer League (PSL).
Isimangalo seWits besisukela ekudlaleni kukaYannick Zakri, weTeam of Choice, ngaphandle kwekhadi emdlalweni wala maqembu ngoSepthemba.
Ngokusho kukaKadodia, ubengasabuthi quthu ubuthongo emuva kokuthi uZakri edlale ngaphandle kwekhadi lePSL emdlalweni we-Absa Premiership abawudlala neWits ngoSepthemba 15.
Umdlalo wawudlalelwa eHarry Gwala Stadium, waphela ngo 0-0. Ngokomthetho wePSL, iqembu kufanele linikeze amakhadi ukhomishana ophethe umdlalo kusasele ihora umdlalo uqale. Ikhadi likaZakri lalingekho kodwa waqhubeka wadlala, okusho ukuthi wayephula umthetho.
Ikhadi likaZakri laze lafika ngaphambi kokuqala kwesiwombe sesibili. Ngemuva komdlalo iWits yafaka isimangalo kwiPSL ikhala ngokubanjwa inkunzi yiMaritzburg.
Lokhu akwehlanga kahle kuKadodia, okhala ngokuthi iWits ayikhombisanga ubuntu ngokufaka icala ngoba ikhadi lagcina litholakele.
NgoLwesibili bekulindeleke ukuthi kuphume isinqumo ngecala kodwa konke lokho kugcine kungenzekanga ngenxa yokuthi abaphathi beZitshudeni balihoxisile icala.
“Sesikhululekile ngoba besimincile ngenxa yalolu daba. IWits ilihoxisile icala, savumelana impilo iyaqhubeka. UZakri wabhaliswa sekusele amasonto amathathu kuqale isizini. Lokho kwenza ukuthi ikhadi lakhe liphuze ukufika, lahlangana namanye eqembu lethu leMultiChoice Diski Challenge (MDC). Okubalulekile wukuthi lolu daba lugcine selusombululekile,” kusho uKadodia.
AmaZulu FC ngelinye iqembu laKwaZulu-Natal elidlala kwi-Absa Premiership elisanda kujeziswa, aphucwe amaphuzu ayisithupha yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa. Usuthu lujeziswe kade lunqamule inkontileka yomdlali waseNamibia uPhineas Nambandi.
“Kusiphathe kabi ukuthi iWits ingabenzi ubuntu, ikhombise isihluku kithina. Yebo kwenzeka okwenzeka kodwa ekugcineni ikhadi balithola. Angifuni ukugxila kulokho nokho ngoba ekugcineni babonile ukuthi kwaba yiphutha elalingenzeka kunoma wubani,” kusho uKadodia.
Uthe ukuhoxa kweWits kulolu daba kuzokwenza ukuthi uFadlu Davids nezakhe babhekane ngqo nomsebenzi wokususa iqembu endaweni embi kwi-log ye-Absa Premiership. ITeam of Choice isendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni eyisishiyagalombili.
Izobhekana neHighlands Park emdlalweni weligi eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, kusasa ngo-8 ebusuku.