UBUDLELWANO obuhle phakathi kukaCavin Johnson, oqeqesha AmaZulu FC, nomdlali weSuperSport United uThuso Phala okhonjwa kwi-Orlando Pirates busuka kude.
Busuka ngezinsuku zePlatinum Stars (esiyaziwa ngeCape Umoya United), kuze kufike ngo-2013, uJohnson esayinisa uPhala kwiSuperSport bebelokhu besondelene, futhi besebenzisana kahle.
Ukuvela kwemibiko yokuthi uPhala akaseneme kuMatsantsantsa a Pitori, kwenza ukuthi abaningi baqale ukusola ukuthi hleze kungenzeka abuyele kubaqeqeshi aseke wasebenzisana nabo ngaphambili. Inkontileka kaPhala neSuperSport iyaphela ngoJuni nonyaka.
Nakuba ikhona imibiko yokuthi uPhala ukhonjwa kwiBucs, okuthiwa ubonakale emahhovisi ayo ngeledlule kodwa noJohnson kungenzeka hleze amzwele lo mdlali asebenzisane kahle naye eminyakeni edlule.
Leli phephandaba libe nengxoxo noJohnson, limbuza ukuthi ngabe uke wakucabanga yini ukutakula uPhala othwele kanzima ngaphansi kukaKaitano Tembo kwiSuperSport.
“Ngabe ngiyafuna yini ukusayina uPhala njengamanje? Impendulo ithi, cha! Kulesi sikwati enginaso kuMaZulu njengamanje uPhala akanayo indawo. Ngisakholelwa ekutheni ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu, futhi udlala ngokuzinikela. Kodwa ngeshwa njengamanje ayikho indawo yakhe lapha,” uphendule kanje uJohnson ebuzwa yileli phephandaba.
UPhala (32) usenqobe kabili isicoco seNedbank Cup, wanqoba kanye eseTelkom Knockout. Useke wanqoba neseMTN 8 ngesizini edlule waphinde wafika nakowanqamu kwiCAF Confederation Cup ngesizini edlule neSuperSport.
Elinye iqembu uPhala obekuthiwa kungenzeka limsayinise yiHighlands Park. Usebenzisane kahle no-Owen Da Gama ocija leli qembu besekwiPlatinum Stars. Nokho isikhulu seHighlands, uSinky Mnisi, siyichithile imibiko yokuthi singase sisayinise uPhala.