‘NGEKE ngizifake ngenkani esikimini. Okufanele ngikwenze ukuthi ngihlale ngicuphile ukuthi uma ngibizwa ngenze konke enginamandla okukwenza ukuwelisa izwe kuma-quarter final.”
Lawa ngamazwi kaThembinkosi “Nyoso” Lorch okunomsindo ngokungadlaliswa kwakhe kwiBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ese-Egypt.
IBafana izobhekana ne-Egypt kusasa ngo-9 ebusuku eCairo International Stadium kwi-Last 16. Iqembu liya kulo mdlalo linganikwe lutho kwazise lingene sekuvalwe amehlo kwi-Last 16. ULorch obevele aphele yinsini uma ebuzwa ngokungadlaliswa, uthe kuyamsiza ngandlela thize ukukhuhla ibhentshi.
“Njengoba ngisebhentshini ngithola ithuba lokubuka ozakwethu abadlalayo ikakhulukazi laba abamaqembu ase-Europe. Ngikholwa wukuthi kuzongenza umdlali ongcono lokhu. Akukho okusashiwo uBaxter kimina ngaphandle kwabasizi bakhe abangikhuthaza njalo ngokuthi angihlale ngilindile,” kusho uLorch.
Ngesikhathi exinwa ngokuthi uyazi yini ukuthi kunomsindo ngokungadlaliswa nokuthi uzizwa kanjani ngokwesimo somzimba, uthe: “Ngeke ngizifake ngenkani kodwa umqeqeshi onalelo gunya. Okwami ukuthi ngihlale ngilindile ukuthi uma ngibizwa ngisabele. Ngiwumqemane. Sekungaba yikhona ukuthi sekunesikhathi umuntu ejima kuphela engadlali. Ngiyakholelwa nokho ekhonweni lami. Okwami ukukhombisa ukukhula ngokomqondo. Ngikulungele ukulwela izwe.”
ULorch uthe leli yithuba elingandile ukuthi bashaywe imidlalo emibili bese owodwa bewunqoba ngegoli kodwa badlulele esigabeni esilandelayo. IBafana iya kulo mdlalo ngaphandle kukaThemba Zwane osesigwebeni samakhadi aphuzi.
“Indawo kaMshishi (Zwane) izovalwa uBaxter. Unamandla okusho ukuthi ubani ozodlala. Mkhulu lo mdlalo ngoba sibhekene neqembu elisingethe. Bazobe besizwa nayizinkumbi zabalandeli. Baningi abadlali abanesipiliyoni kwiBafana kanti baningi futhi nabanethalente elingaba yinkinga kwi-Egypt yize kuyiyona ethishiwe. Sonke ekhempini siyaqonda ukuthi sinikwe ithuba lokulungisa konke esibona ukuthi asikwenzanga kahle emidlalweni yamaqoqo,” kusho uLorch ojobelele ngokuthi bayakujabulela ukuya kulo mdlalo benganikwe lutho.
Kwenzeka konke lokhu nje, ukaputeni we-Egypt, * -Ahmed El Mohamedy ubona iqembu lakhe lisengenza kangcono kunale ndlela elenze ngayo kweyamaqoqo.
“Ngiyazi kumele sikujabulele ukuthi siqede iqoqo sishaye amagoli amaningi futhi singangenelwanga lutho. Okumqoka wukuthi sazi ukuthi yima uqala umqhudelwano. Sibhekene neNingizimu Afrika ephethe abadlali abaningi abadlala ibhola elihle. Kubalulekile ukuthi sikhohlwe yindaba yokudlala ibhola elihle ngoba lokho ngeke kusisize ngalutho uma singawini,” kushoukaputeni odlalela i-Aston Villa yase-England.