UMARC Van Heerden, oyisitobha saMaZulu FC, ushaya phansi ngonyawo uthi iKaizer Chiefs, abazotholana nayo phezulu eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo7.30 kusihlwa, ngeke iwathole amaphuzu aphelele.
UVan Heerden uthe lisuke linenhlanhla iqembu eliphuma eKing Zwelithini Stadium, abangakaze bashaywe kuyo selokhu kuqale isizini, nephuzu.
Kuyo le nkundla Usuthu lubhincisele nxanye iMamelodi Sundowns luyibamba ngo 3-3 ne-Orlando Pirates ngo 1-1.
Nakuba sekuphele iminyaka ewu-12 Usuthu lwagcina ukushaya iChiefs kodwa uVan Heerden uthi akuyi olubuyayo eMlaza, Amakhosi azohamba kabi kulokhu.
“Irekhodi lethu ekhaya liyasho ukuthi noma ngabe yiliphi iqembu elizodlala nathi eMlaza lithwala kanzima. Senzela izitha zethu kube nzima ukudlala umathanda uma sidlala ekhaya. Asifuni qembu elizozicanasela lapha. Ngokwami iqembu eliphuma nephuzu eMlaza lisuke linenhlanhla. Empeleni uma ubuka wonke amaqembu emhlabeni jikelele ikakhulukazi e-Europe awashaywa kalula ekhaya. Yingakho ngithi ofuna ukusishayela ekhaya, kuyofanele asebenze kanzima,” usho kanje uVan Heerden izolo.
Eqhubeka enaba uVan Heerden, uthe kubalulekile ukuthi kube khona abakutholayo emdlalweni wabo neZimpofana ngoba abafuni ukubuyela emsileni we-log abahlale kuwona isikhathi eside ngemuva kokuphucwa yiFifa amaphuzu ayisithupha.
“Sifuna ukuvula igebe phakathi kwethu namaqembu avika izembe. Yingakho kubalulekile ukuthi kube khona esikutholayo emdlalweni wethu neChiefs. Umqeqeshi wethu udlala ibhola elivulekile, engikholelwa ekutheni sizozama ukuwathola wonke amaphuzu kwiChiefs kodwa nxa sibona ukuthi isimo somdlalo asivumi, sizoqinisekisa ukuthi sithola iphuzu. Enginesiqinisekiso sakho wukuthi ngeke kwenzeke ukuthi sishaywe, lokho ngeke kwenzeke,” kusho uVan Heerden.
Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, unxuse abalandeli abafuna ukubukela lumdlalo mahlanze ukuthi bangalinge balindele ukuthi bazothenga amathikithi enkundleni ngoba azobe engekho. Uthe amathikithi azotholakala KwaMnyandu Mall (Khulekani Tuck Shop, Qhala Kancane Tuck Shop, Edgars Active), Kwa-D eCar Wash (M&M Liquors), kwa-P (Ndlela’s Tarven) naseSiphingo (Jeena’s Warehouse).
Imidlalo ye-Absa Premiership namuhla:
AmaZulu v Kaizer Chiefs (King Zwelithini Stadium, 7.30pm); Mamelodi Sundowns v Maritzburg United (Loftus Stadium, 7.30pm); Cape Town City v Free State Stars (Cape Town Stadium, 7.30pm)