INHLOKO yabaqeqeshi kwiNigeria, uGernot Rohr ikholwa ukuthi iBafana Bafana iyona iqembu eselibhekwe ukuba lidle isicoco se-Afcon eqhubeka e-Egypt. Ngabe uqinisile noma uyabhuqa?
UPotshoza ukholwa ukuthi uzama indlela yokusulela ingcindezi ngakwi-Bafana njengoba la maqembu ezodududulana namuhla eCairo.
URohr uthi ukusho lokhu ngoba ukushaya i-Egypt isingethe futhi ibophele lonke ubisi lwabadlali ongabacabanga kukwenza uthwalwe ngeqoma ukuthi uzoshaya wonke amaqembu azobekwa phambi kwakho. IBafana inyakazise i-Afrika ikhipha i-Egypt phambi kwabalandeli abangu-80 000.
Lo mqeqeshi uthi baya kwiBafana ngenkulu inhlonipho. “Akekho ongayibukanga iBafana yenza okungalindelekile. Siyayazi le nto ebesiyibuka ngoba iBafana besinayo eqoqweni elilodwa kweyokuhlungela yona le Afcon. Indlela umphumela otholwe iBafana kwi-Egypt okukhuphula ngayo ukuzethemba, abantu abazothwala kanzima ithina. Sebengahamba baze basidle lesi sicoco ngoba bayazi ukuthi bangashaya noma ubani kwi-Afcon ngenxa yomphumela abawuthole kwi-Egypt.”
Eqhuba le nkulumo uRohr uthe: “Bekuyifanele futhi ukunqoba kwi-Egypt iBafana ngoba ibingcono. Uma ukhipha abantu abathwelwe ngeqoma ukudla isicoco , kuphenduka kube uwena obekwa lowo mqhele. Sidlale kahle nathi sinqoba kwiCameroon. Lokhu kusikhuphulele okwethu ukuzethemba ngakho-ke angingabazi ukuthi lo mdlalo uzoshuba. Okwenza sibe nethuba wukuthi siyiqembu elibumbene ngaphezulu kwezithenjwa ezintsha iBafana. Kuyangijabulisa nokuthi sishaye amagoli emaqenjini abengadedeli lutho. Konke kodwa kubuyela ekutheni iBafana iyona esithishwe ukuthi idle lesi sicoco,” kusho uRohr.