ULINDELE izinga elifanayo kubadlali bakhe uma sebebhekene neBidvest Wits umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic ezakhe eziphume nephuzu kwiMamelodi Sundowns ekuqaleni kwesonto.
IPirates idlale ngokulingana ngo 0-0 neSundowns emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium. Nakuba eZimnyama zidlale ibhola elisezingeni eliphezulu kodwa zigcine zihlulekile ukuwola amaphuzu agcwele abezokwenza zilingane neSundowns esicongweni se-log yePremiership.
Zisendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu-41 emuva kwemidlalo ewu-24. Eqhulwini kusahlezi iSundowns ngamaphuzu awu-44 emuva kwemidlalo ewu-24.
UMicho uthe uphoxekile ngokuthi behlulekile ukushaya igoli phezu kokuwuphatha umdlalo, wathi ulindele umfutho ofanayo kubafana bakhe uma sebebhekene neWits eBidvest Stadiun ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
“Ngiphoxekile ukuthi okubalulekile emdlalweni webhola, okuwukushaya igoli asikwenzanga ekubeni besikade siwuphethe umdlalo. Abadlali bakwenze konke ebesikade sikuhlelile kulo mdlalo. Kodwa-ke siqhubekela phambili. Sinamaphuzu awu-18 okusafanele siwadlalele. Sizobhekana neWits. Ngifuna siqhubeke nendlela esidlale ngayo. Uma senze lokho sizohlala namaqembu afuna isicoco seligi,” kusho uSredojevic.
“Obekungafanele sikwenze kulo mdlalo ukwehlulwa. Ukuba sihluliwe ngabe sisele manje. Esikwenze enkundleni kusifaka ugqozi nokuzethemba njengeqembu ukuthi sinakho konke kule midlalo eyisithupha esele ukuthi siyalingana nezinye izimbangi. Uma uphatha umdlalo ubhekene neqembu obanga nalo, kufanele uziqhenye.”
I-Pirates isidlale ngokulingana emidlalweni ewu-11 nokuyisibalo esifanayo nesidlalwe yiSundowns.
“Uma kungesona isibalo esiphezulu ezimbangini zethu ukuthi sezilahle amaphuzu alinganayo nathi, nakithina akusona. Kuyakhathaza ngokwendawo esifuna ukuba kuyona. Kodwa ke sisekhona embangweni. Kunemidlalo obheka ukuthi uyiwine, kunaleyo obheka ukuthi ungahlulwa kuyona. Lona bekungomunye wayo,” kusho uSredojevic.
EZimnyama zizobhekana neWits esazikhotha amanxeba kulandela ukukhishwa kwayo kwiNedbank Cup yiChippa United ngempelasonto edlule. IWits izophinde idlale lo mdlalo engekho ukaputeni wayo uThulani Hlatshwayo osadonsa isigwebo sekhadi elibomvu.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa: Maritzburg United v Bloemfontein Celtic (Harry Gwala Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Golden Arrows v Cape Town City (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm), Bidvest Wits v Orlando Pirates (Bidvest Stadium, 3pm), Kaizer Chiefs v Baroka FC (FNB Stadium, 6pm), AmaZulu v Chippa United (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Mamelodi Sundowns v SuperSport United (Loftus Versfeld, 3pm), Polokwane City v Black Leopards (Peter Mokaba Stadium, 3pm)