AFANISWE nomuntu osinde kwinhlekelele yengozi AmaZulu FC asale namaphuzu agcwele ngesikhathi ebhekene neCape Town City emdlalweni we-Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
USuthu ludlule ngo 1-0 nge-free kick eshaywe uTapelo Nyongo ngesiwombe sesibili. ICity ivinjelwe iphenathi ngunozinti uSiyabonga Mbhatha kwesokuqala ebishaywe uKermit Erasmus. UMbatha obe ngumdlali ovelele ubuye wavimba neminye iminyakazo yezivakashi.
AmaZulu, ngokunqoba kufane nokuthi abuyisa izinduku ngemuva kokubhaxabulwa kabi iThe Citizens ngo 3-0 emzuliswaneni wokuqala weligi eKapa.
Umqeqeshi wezivakashi uBenni McCarthy, uthe akabadinelwe kakhulu abadlali bakhe ngoba bakwenze konke kodwa bahlulwa wukushaya igoli.
“Uma abantu bethi ‘ibhola lingakubulala’, okokuqala ngqa nami ngizizwa nginalo muzwa namuhla,” kusho uMcCarthy ngemuva komdlalo.
“Leli bhola alimnandi ngoba awukwazi ukuthi ungacindezela ngomzuzu wokuqala umdlalo uze uphele kodwa ekugcineni uhlulwe. Ngicabanga ukuthi abalandeli bawuthokozele umdlalo lapho iqembu elilodwa lihlulekile wukusebenzisa amandla okucindezela kwalo. Ngiyambongela uCavin Jonhson nabadlali bakhe ngokuphunyuka bengenamyocu kwinhlekelele yengozi abebebhekene nayo, obekubonakala sengathi bebengeke baphume bephila kuyona.”
EzikaMcCarthy ngokulahla amaphuzu agcwele, ziyeke ithuba lokulingana ngamaphuzu ne-Orlando Pirates esendaweni yesithathu ngemuva kokubambana ngo 1-1 neKaizer Chiefs.
Lo mqeqeshi uthe yize bengadlaleli ukubukwa amanye amaqembu kodwa uyalibona ithuba abaliyekile.
“Ukuthola amaphuzu amathathu kusuke kuwukuzijabulisa thina ngomsebenzi esisuke siwufaka ejimini isonto lonke. Kodwa uma ubheka umehluko obuzobakhona (ukuba banqobile) siyalibona ithuba eselidedelile. Kwesinye isikhathi ngike ngibone engathi abadlali bami abaqinile ngokomqondo ngoba njalo uma besesimeni sokukhuphuka bayalidedela lelo thuba,” kusho uMcCarthy.
ICity ihleli endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-30.
Ebuzwa ukuthi ngabe uyazibona, okungenani, beqeda endaweni yesithathu, uthe: “Asinabo abadlali abawu-40 njengeChiefs, angiphathi ke ukuthi bangaki abePirates. Nginabadlali abawu-23 kuphela nalabo abancane beDiski. Angikwazi ukushintshashintsha isikwati ngendlela engifisa ngayo. Kodwa uma sekuvalwe isizini, sizoya emakethe.”
Emdlalweni olandelayo weligi bazovakashelwa yiMaritzburg United ngoFebhuwari 23 e-Athlone Stadium.