PHEZU kokuba usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, ekuqinisekisile ukuthi imidlalo ye-Absa Premiership izoqala ngesikhathi esibekiwe okuyimpelasonto yokuqala ka-Agasti kodwa kungenzeka abalandeli bazithole kufanele balinde esinye isikhathi.
UKhoza ubekhuluma esithangamini nabezindaba ebesikade sihlelwe ngemuva komhlangano wesigungu neNational Soccer League (NSL) Board of Governors esinamalungu awu-32 eSandton Convention Centre ngoLwesine.
Inhloso yokuhlala kwesigungu bekuwumunyunga umhlahlandlela ngodaba oluhlanganisa i-Ajax Cape Town nomgadli waseZimbabwe uTendai Ndoro. I-Ajax iphucwe amaphuzu emuva kokuthi u-Adv William Mokhari eyithole inecala lokudlalisa uNdoro kungafanele. Lokho kuholele ekutheni yehlele kwiNational First Division (NFD).
Nokho ijaji uDenise Fischer uthole ukuthi i-Ajax ayinalo icala, kufanele ibuyele kunombolo 15 kwi-log nokusho ukuthi kufanele idlale imidlalo yokuhlunga.
UKhoza izolo ukuqinisekisile ukuthi bathathe isinqumo sokusiphikisa isinqumo sikaFischer kodwa waqinisekisa ukuthi ngeke luphazamiseke usuku lokuqala kwemidlalo. NgoLwesine Isolezwe libike ukuthi usihlalo we-Ajax, u-Ari Erfstathiou, uzimisele ukuthi ime imidlalo inqobo nje uma bezizwa bengenelisekile ngesinqumo ngoba bazoqhubeka nokuludlulisela phambili udaba.
"I-Board of Governors ihlanganile nawo wonke amalunga angu-32. Udaba obelukade luphezulu olwe-Ajax noNdoro. Ngokwamandla esinikezwe wona yisigungu esiphezulu siphoqekile ukubanika umbiko ngokuthi sekuhambe kwafika kuphi ngalolu daba. Ekuqaleni ngishilo ukuthi sithathe isinqumo sokudlulisa udaba nokuyinto obekufanele siyikhulume namalungu eBoard of Governors. Kufanele ngicacise ukuthi emuva kokubheka izizathu zokudlulisa udaba, iBoard of Governors ibe nentshisekelo yokuqonda ukuthi kuzokwenzekani ngesizini.
"Sivumelene ngo-elethu ukuthi noma kwezenkani, imidlalo izoqala ngo-Agasti 4. Yonke imiqhudelwano izoqala njengoba kuhleliwe. Sivumelene ngokuthi kufanele kwenziwe izinto ngokushesha. Ngikhuluma nje ithimba lethu lezomthetho limatasa nephini lenhloko yamajaji ukuthi bahlangane nalo ukuze lisize ukuxazulula lolu daba ngokushesha. Kodwa iBoard of Governors inawo amandla okuqeda lolu daba," kusho uKhoza.
"Kufanele futhi siye ejajini uFischer asinike ilungelo lokudlulisa udaba. Uma lokho kuthatha isikhathi noma sihlulwa kuleli cala, sizoya kwiPlayers' Status Committee ngokushesha. Amalungu akujabulele ukwazi ukuthi kungani sifuna ukuludlulisela phambili udaba ngoba lokho kuhlangene nezinto zangaphakathi ijaji elikhulume ngazo".
IFifa phambilini ithe iSafa inazo izinhlaka ezingakwazi ukuxazulula lolu daba.
"UNdoro ubengayixazulula le nto ngokwakhe ukuba waya kwiFifa Players' Status Committee athole ukuthi isimo sakhe simi kanjani abuye azodlala esazi. Imithetho icacile. Ungakwazi ukubhalisa emaqenjini amathathu ngesizini eyodwa kodwa ungadlalela amabili kuphela," kusho uKhoza.