IBAROKA isiqalile ukuthungatha umqeqeshi ozothatha indawo kaKgoloko Thobejane omiswe emsebenzini emasontweni adlule ngezinsolo zokudla amankwebevu nabadlali.
Kuvele ukuthi uThobejane ubezicima ngotshwala emuva komdlalo weBakgaga neFree State Stars ekuhambeni. Indawo yakhe ebhentshini ibanjwe yiphini lakhe uMacDonald ‘Bambino” Makhubedu.
Nakuba iBaroka ingafuni ukuphumela obala ngecala elibekwe uThobejane, osekunezikhawu eziningi emiswa emsebenzini uma imiphumela ingasavumi, kodwa leli phephandaba lihoshe ukuthi kungenzeka ukuthi sekuphelile ngaye. UThobejane ubuyiselwe esikhundleni sokuqeqesha iBaroka maphakathi nesizini edlule emuva kokuthi leli qembu limise abaqeqeshi uMark Harrison, Edward Williams noJacob Sakala.
Laba baqeqeshi, abagcine behlukene neqembu, bamiselwa ukuthi bahlulekile ukuqinisekisa ukuthi bazoyiwina imidlalo eyisihlanu ebizolandela, okukhona kuyona oweKaizer Chiefs neBidvest Wits egcine ingompetha beligi.
“IBaroka isiqalile ukufuna omunye umqeqeshi. Akubonakali ukuthi uzobuya kulokhu uThobejane. Abaphathi bakhathele wuyena. Kumanje kunabaqeqeshi abahlukene iqembu elizama ukuxhumana nabo,” kusho umthombo.
Kuvele ukuthi uThobejane uzonikezwa omunye umsebenzi ezinhlakeni zeBaroka. Usihlalo, uKhurishi Mphahlele, wake waveza ukuthi ngeke ahambe kuBakgaga uThobejane ngoba uyilungu lomndeni.
Isikhulu esiphezulu seBaroka, uMorgan Mammila, sithe: ”Indaba yecala likaThobejane sizoyiqeda kuleli sonto elizoqala. Nami angikalwazi usuku ngoba nami ngisalinde ukutshelwa,” kusho uMammila.
IBaroka iyiqale kahle isizini ka-2017/2018, yahlala esicongweni se-log ye-Absa Premiership isikhathi eside kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwabhimba uhlelo. UThobejane ukusho esidlangaleni ukuthi bazoyiwina iligi.
IBakgaga isiyehlele endaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-26 emuva kwemidlalo engu-20.
* Khonamanjalo, iKaizer Chiefs izibeke endaweni engcono yokuphonsela iMamelodi Sundowns inselelo yombango wesicoco seLigi, ngokushaya iCapeTown City ngo 1-0, ngegoli elivalelwe phakathi umlamuleli wayo uRyan Moon ngesiwombe sesibili.
Lo mdlalo okuyiwe ekhefini zibambene ingekho efuna ukugoba uphondo ubudlalelwa eFNB Stadium, eNasrec, eSoweto izolo ebusuku.
Ngokunqoba kwaMakhosi anyukele endaweni yesibili ngamaphuzu awu-34, okuyenza isale ngamaphuzu amane kwiSundowns.