UMQEQESHI wonozinti kwiBafana Bafana, u-Andre Arendse uchaze ukudlula emhlabeni kwenkakha kanozinti u-Arthur Bartman njengokulahlekelwa kwezwe lonke ngoba ubekholwa ekutheni kusekuningi angakwenzela onozinti abasafufusa eNingizimu Afrika.
Ekhuluma esekhempini yeBafana, eTunis, u-Arendse uchaze uBartman njengomngani abebehloniphana kakhulu naye futhi becobelelana njalo ngolwazi kwezokuqeqesha onozinti uma bethola ithuba.
UBartman (46) udlule emhlabeni ngoLwesibili.
Lokhu kuqinisekiswe yiqembu alidlalele iminyaka waze washona esebnza kulona njengomqeqeshi wonozinti iMaritzburg United. Alizange linabe nokho leli qembu ngembangela yokushona kwalo nozinti ogcine ukudlala kwiKaizer Chiefs lapho edle khona inqwaba yezicoco. Kodwa kuvele ukuthi ujuqwe ikhanda washona.
Ngaphandle kweChiefs, amanye amaqembu adlale kuwona i-African Wanderes aqale kuyona eminyakeni ecela kwengu-20 edlule kanti uke wasebenza nakwamanye amaqembu okukhona kuwona iBush Bucks‚ Moroka Swallows‚ Dynamos‚ Bay United‚ Golden Arrows neSuperSport United.
"Zingehle ngaphezulu lezi zindaba ngoba kukhulu ebesisakubheke kuyena. Ubengeyena umuntu engimazela enkundleni kuphela kepha nangaphandle besibonana sicobebelane ngolwazi. Ubesefana nomngani kimina. Yebo besingabonani nsukuzonke kodwa besibhekana sithintane nangocingo sibuzane impilo. Zimbi lezi zindaba. Sizohlale simkhumbula. Sengingasebenzisa leli thuba ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nabo bonke abebesondelene naye. Kuthusile ukushona kwakhe," kusho u-Arendse ngalo nozinti owagaxe emgibeni ngo-2013 ama-gloves.
Kuthintwa uQuinton Jetoo oyisikhulu esiphezulu kwiMaritzburg, uthe, konke sekumi ngomumo ngezinhlelo zokufihla kodwa akukho abazokwazi ukumemezela bengakawuthinti umndeni kaBartman.
"Sesihlelile saqeda kodwa konke okuzokwenzeka kuzohamba phambili umndeni ka-Arthur (Bartman). Silinde usivumele ukuthi sesingamemezela. Sinethemba lokuthi kusasa (ngoLwesihlanu) kuzocaca konke bese sazisa iPremier Soccer League (PSL). Uma sesikwenzile lokho kuzobe sekulula ukuzimemezela zonke izinhlelo ngezinkonzo zesikhumbuzo kanye nemininingwane ephelele ngongcwabo."