IQEDE ukuqagela yakhombisa nokusizwa isikhalo sabalandeli bayo iManchester United inqamula inkontileka yobengumqeqeshi wayo, uJose Mourinho wasePortugal.
Iqembu linameke isitatimende kwi-website yayo namuhla.
Kulesi sitatimende kubongwa uMourinho ngomsebenzi awenze kwi-United bese kuphinda kubikwa ukuthi kuzoqashwa ngokushesha ibamba elizoqedela le sizini.
Yize ingavezi konke i-United, kodwa akufihliwe ukuthi uxoshwe ngenxa yokuphikwa yimiphumela kusukela kuqale isizini.
ITHUMBA liqhunyiswe nguJurgen Klopp neLiverpool ngeSonto evathele iManchester United ngo 3-1
Empeleni uMourinho usolwa ngaloku:
-ukungalandeli inkambiso ye-United yebhola elihlaselayo,
-Ukuqala kabi isizini ngendlela engakaze ibonakale eminyakeni engu-28 edlule,
-wukuhlulwa yimiphumela ekubeni esebenzise i-400 million wopondo (R7.2 billion) ukuthenga abadllai abangu-11,
-iqembu eligcusekile nee ngokuzitshwa kwendaba yokuthuthukiswa kwabadlali abasebancane be-United.
-akusali nokungagculiseki kwabalandeli ngoMourinho nokuyitno iqembu okuthiwa liyibhekile.
-wukuhluleka wukusingatha udaba lukaPaul Pogba
#MourinhoSacked: United become everything they laughed once. Spending money like City, talking about history like Liverpool, aiming 4th place like Arsenal and changing managers like Chelsea.
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) December 18, 2018
Phezu kwakho konke lokhu kodwa uMourinho kuthiwa uzokhokhelwa imali elinganiselwa ku-15 million wopondo (R272 million).
UMichael Carrick obeyiphini likaMourinho akaxoshwanga kodwa futhi kuvela nezithi akusiye ozoqashwa njengebamba.
Kwabangase baqashwe njengamabamba kuvela uRoy Keane oyinkakha yeRed Devils noCarlos Quieroz owake waba yiphini lika-Alex Ferguson.
UQuieroz njengoMourinho, naye udabuka ePortugal.
@malbingo @isolezwe newspaper