UMOSES Bantsi, ongumengameli weConfederation of African Athletics (CAA Southern Region 5), uthi umqhudelwano i-Africa Athletics League, yisiqalo sokuzaleka komunye abafisa ukuthi ufinyelele ezingeni le-Diamond League.
Lo mqhudelwano wethulwe ngokusemthethweni eMsunduzi Athletic Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo emini. Le nkundla izokuba ngeyokuqala ukusingatha lomqhudelwano ngoMgqibelo.
“Lesi yisiqalo sento enhle kule sifunda. Lo mqhudelwano ozokuba kuyona lenkundla ngoSpethemba 22, nonyaka siwusungule ngemuva komhlangano esibe nawo eGoli lapho sibone kungcono ukuthi kube khona esikwenzayo ekutheni sithuthukise abagijimi ukuze bakwazi ukuqhudelana nabanye emazingeni omhlaba,” kubeka uBantsi.
Uthi basabela kwikhwelo likamengameli we-IAAF uSebastian Coe, elithi akuthuthukiswe lomdlalo ngendlela esezingeni eliphezulu.
“Siyisifunda sibe sesihlala phansi sabheka sazibuza ukuthi ngabe yiliphi iqhaza esingalibamba ekusabeleni kuleli ikhwelo.
“Emhlanganweni esibe nawo eGoli siqhamuke nohlelo oluzothuthukisa imiqhudelwano yethu ngaphandle kokuthi imbe eqolo,” kuqhuba uBantsi.
Uthi esikhathini esedlule ngokujwayelekile bebe nemiqhudelwano lapho ihlukaniswa khona ngokwezigaba okunge seYouth namaJunior.
“Indlela endala ubuthola amazwe noma izinhlangano zihlanganisa amaqembu amabili nobekugcina kudla izimali ezishisiwe.
“Ngale ndlela esiqhamuke nayo uthola ukuthi sekusetshenziswa indawo eyodwa yokudlala, eyokulala kanye nabaphathi bomqhudelwano bayahlangana kube yinto eyodwa.”
Uphinde waveza ukuthi ngenxa yokuthi akuwona wonke amazwe ale sifunda anothile kwezomnotho nakwaziyo ukuthi ahambise abagijimi babo emazweni ase-Europe ukuyogijima khona ukuze bakwazi ukuziphendlela indawo emiqhudelwaneni emikhulu njengo World Championship, Olympic neDiamond League.
“Sibe sesiqhamuka nokusungulwa kwalo mqhudelwano owuchungechunge, ozogijinyelwa emazweni amahlangu okuzokuba yiNingizimu Afrika, Mauritius, Zambia, Botshwana neZimbabwe. Ukuqoka lamazwe kungenxa yokuthi kuzokuba lula ukufinyelela kuwona kwabagijimi,” kuchaza uBantsi.
Uthi lapha esifundeni esiseNingizimu kubagijimi abaphethe amarekhodi izindondo zemiqhudelweano emikhulu njengo-Olympic noCommonwealth Games.
“Asimdingi umgijmi oqhamuka ngaphandle yize sizokuba nabo esizobamema ukuze siwuqinise ngokuwakhela isithunzi emazweni omhlaba.
Lo mqhudelwano uzoqala eNingiziimu Afrika nonyaka bese kuthi ngonyaka ozayo usabalalele emazweni amathathu uma singeke sikwazi ukuwudlalela kuwona wonke.
“Ukuze sikwazi ukuqhubekela phambili sidinga abaxhasi.
"Yingakho sibe nesivumelwano neWWS Group ukuthi kube yiyona esihlwayena abazosixhasa,” kusho uBantsi.
UThemba Njilo, iMeya yoMsunduzi, uthe kuyena kube wukusuku olukhulu lokuthi kugcine kumenyezelwe ukusebenza kwale nkundla asethole ukuthi ingenye yezisezingeni lomhlaba.
“Le nkundla siyakhe ngemali elinganiselwa kuR91 million.
"Ngesonto elizayo sizokube siyinikezela ngokusemthethweni komengameli bomdlalo wejubane.
"Abantu baseMgungundlovu namaphethelo abaphume ngobuningi babo ukuzokwethamela lomqhudelwano ozophakamisa igama ledolobha,” kusho uNjilo.