UKUSHIYA kukaMilutin “Micho” Sredojevic isigubhukane kwi-Orlando Pirates akungabazeki ukuthi kushiye abalandeli baleli qembu bemangele ekupheleni kwesonto elidlule.
USredojevic, obesehlale amasizini amabili kwiPirates, ulaxaze iqembu ngoLwesihlanu ebusuku ebalula izizathu ezithinta umndeni. Ngokusho kwakhe ulibangise eSerbia lapho edabuka khona ngoba unina uyagula. Nokho emva kwamahora ambalwa uMicho esulile kwiBucs kuvele izindaba zokuthi usezothatha izintambo kwiZamalek yase-Egypt.
Ayiqali ukuvela indaba yeZamalek noMicho kodwa ngesikhathi ebuzwa ngalokhu emasontweni edlule washaya phansi ngonyawo wathi ngeke ayishiye iPirates ngoba iyiqembu azifelayo ngalo. Okushiya imibuzo ukuthi ngabe yini eyenze ukuthi uMicho athathe isinqumo sokushiya iqembu ngoba namanje usayiphika eyeZamalek yize leli qembu limemezele ukuthi selizocijwa uyena.
Izinsolo zokuthi uMicho uvulelwe icala elithinta ucansi nazo zenza kubukeke sengathi lukhulu olufihlwayo ngokuhamba kwalo mqeqeshi. NgeSonto bese kusabalele imibiko yokuthi use-Egypt hhayi eSerbia njengoba ethe yena uya khona. Akukho ukungabaza ukuthi iPirates izophazamiseka emgqigqweni wayo ngoba uMicho bese elibumbe kahle iqembu. Yize iPirates ibingakawini lutho ngaphansi kwakhe kodwa kumasizini amabili edlule ibishisa umbango obonakalayo kwiMamelodi Sundonws edle isicoco seligi amasizini amabili elandelana.
Mhlawumbe abalandeli bePirates bangathemba ukuthi uRulani Mokwena okunguyena osephethe izintambo bese efunde lukhulu kuMicho ngesikhathi esebenza njengephini lakhe. Nokho akukho ukungabaza ukuthi uzoqala abe nengcindezi uMokwena ngoba iBucs iyiqembu elikhulu futhi uyaqala ukuba yinhloko yabaqeqeshi.
Njengamanje uhlalelwe wumsebenzi wokubuyisa ukuzethemba kubadlali njengoba iqembu selishaywe kathathu kulandelana emiqhudelwaneni ehlukene. Likhona ithemba lokuthi abadlali bazoqhubeka nabakufundiswe uMicho ngoba ababhekene nenkinga yokufunda isitayela somqeqeshi omusha njengoba kuqhubeka uMokwena.