UMA kuya ngokwabaqeqeshi boThongathi FC neRoyal Eagles abazobhekana emdlalweni wabakhaya weNational First Division (NFD), bazobhema bakholwe abalandeli abazohambela umdlalo.
Kuzobe kuhlangenwe eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont ngeSonto ngo-3.30 ntambama.
UJohnny Ferrreira opheka uThongathi, uthe umdlalo wabo ufana nesiqalo sokufeza iphupho lokungena emaqenjini azodlala kweyokuhlungela ukuya kwi-Absa Premiership ekupheleni kwesizini.
Iqembu lakhe yilona elizobe lingosokhaya. Lizoya emdlalweni liyibambe endaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu awu-28.
Ngokwakhe amaphuzu awu-46 uma sekusongwa isizini angabafaka kweyokuhlunga, okusho ukuqeda endaweni yesibili noma eyesithathu.
Kanti ngokolunye uhlangothi i-Eagles izoya emdlalweni ibambe indawo yesibili ngamaphuzu awu-35.
Emva kwayo kukhona i-Ajax Cape Town enawu-34.
Esicongweni se-log kuhleli ngokunethezeka iStellenbosch FC ngawu-41.
“Siya emdlalweni wethu ne-Eagles sikuqonda kahle ukuthi yenza kahle kulezi zinsuku. Ibuya ekushayeni amaTuks ngo 5-0. Asifuni ukubavumela ukuthi basheshe bathole igoli kithina.
Kodwa noma kunjalo sesibonile ukuthi likhona ithuba lokuthi singene emaqenjini amathathu azoqeda ephezulu.
Uma singathola amaphuzu awu-46 futhi singakwenza lokho, okusho ukuthi kule midlalo eyishumi esele kumele siqale ngalo esiya kuwona ukuyolwela amaphuzu agcwele,” kusho uFerreira.
Emidlalweni esele bahlose ukunqoba okungenani eyisithupha.
Uzakwabo we-Eagles, uSazi Ngubane, uthe ubona izinto zihlangana ngendlela abebefisa ngayo.
“Sesiyawashaya amagoli manje okuyikhona ebese sishoda ngakho. Ngokwethu sizothatha umdlalo ngamunye kule esele, yingakho okwamanje sigxile kowoThongathi. Kodwa ngingasho ukuthi abadlali nabo bakhuthazekile manje kwazise sebeyabona lapho esibheke khona,” kusho uNgubane.
Emzuliswaneni wokuqala umdlalo wawinwa i-Eagles ngo 1-0 kanti uFerreira uthe bangakujabulela ukubuyisa izinduku.
Imidlalo yeNFD yangempelasonto
Kusasa ngo-3.30pm: Cape Umoya v Tshakhuma (Athlone Stadium).
NgoMgqibelo ngo-3.30pm: Witbank Spurs v Richards Bay (Puma Stadium); Stellenbosch v TS Sporting (Idas Valley Sports Grounds); Real Kings v Maccabi FC (Sugar Ray Xulu Stadium).
NgeSonto ngo-3.30pm: University of Pretoria v Ajax Cape Town (Absa Tuks Stadium); Jomo Cosmos v TS Galaxy (Makhulong Stadium); Uthongathi FC v Royal Eagles (Sugar Ray Xulu Stadium); Ubuntu Cape Town v Mbombela United (Athlone Stadium).