UMA uLuvuyo Memela eluleme ngokugcwele kungenzeka kuphinde kube wusuku lwakhe lokuthokozisa abalandeli be-Orlando Pirates ezoqhuthana neCape Town City koweNedbank Cup namuhla eCape Town Stadium, eKapa.
Lo mdlalo weLast 16 uzoqala ngo-7.30 ebusuku. UMemela ungomunye wabadlali ababonakala bethola inkululeko kumqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic.
Useziphendule esinye sezithandwa ngokushayela iqembu amagoli amqoka. Kamuva ube yiqhawe evalela amabili iBucs iqumba phansi iKaizer Chiefs ngo 3-1 kowe-Absa Premiership.
Leli nxele selishaye amagoli amahlanu emidlalweni yeligi okwenza libe ngelihamba phambili kweZimnyama ekuboneni inethi.
UMemela ube nokuthinteka okwenze ukuthi ahlale angajimi nozakwabo kodwa uMicho uthe akukubi benzela ukuthi angabhebhethekisi isimo sakhe.
Lo mdlali ongowokuzalwa khona eKapa, ephawula kwi-website yeqembu, uthe kumqoka ukuthi badlulele emzuliswaneni olandelayo.
“Kumele siwine ngoba vele sihlezi sifuna ukuwina yonke imidlalo esiyidlalayo. Sekuphele isikhathi eside singawini isicoco futhi abantu bayakhuluma ngefomu esikuyona. Basibona singakwazi ukuwina indebe kodwa ngokwethu asijuli kangako ngemicabango.
“Kodwa sibheke umdlalo onzima esizowuthola kwiCape Town City. Siwenzile amalungiselelo sayicubungula indlela edlala ngayo. Uma siyilandela ngendlela imiyalelo yomqeqeshi alikho iqembu elingasivimba noma ngabe sidlala eKapa nesimo sakhona sezulu esingaqondakali,” kusho uMemela.
I-Pirates ifike kwi-Last 16 ngemuva kokushaya elinye iqembu laseKapa i-Ajax Cape Town kodwa idlalela esibayeni sayo. Inqobe ngo 2-0 okuwumphumela obufana nowokuziphindiselela njengoba igcina ukuyodlala eKapa yaqunjwa phansi iyona i-Urban Warriors ngo 3-0 kwiligi.
“Sabahlula ngomdlalo. Wukuthi sasuke senza amaphutha sanganaka base beyasihlawulisa. Uma sizohlezi siqaphile umzuzu nomzuzu kuze kuphele umdlalo, sizophuma singabanqobi,” kusho uMemela.
ICity ephekwa uBenni McCarthy ikhiphe iBidvest Wits kwiLast 32. Egcina ukuhlangana la maqembu iPirates inqobe ngo 1-0 koweligi.