UHLEKA yedwa umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter kulandela inkulumo abe nayo neqembu likaPercy Tau laphesheya kwezilwandle iRoyale Union Saint-Gilloise (RUGS) mayelana nokulimala kwakhe lo mdlali oqokwe njengovelele eligini ephakela enkulu eBelgium.
Ngendlela abe nesizini enhle ngayo uTau (25) kwiRUGS abolekiswe kuyona yiBrighton & Hove Albion abaningi bambona esekulungele ukubuyela kuleli qembu elisinde ezembeni e-England. Nakuba leyo nkulumo ikhona kodwa imigomo egunyaza abadlali bangaphandle ukuthi basebenze e-England isengamphikisa.
UTau owushayele cishe yedwa umkhumbi weBafana izibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ese-Egypt ngenyanga ezayo uthuse abathandi abaningi bebhola kuleli ngesikhathi ephuma ngohlaka emdlalweni weligi muva nje lapho bebambane khona ngo 3-3 neRoyale Excel Mouscron. UTau ohambe kuleli engumdlali ovelele, uthinteka nje ubeseshaye amagoli amabili kulowo mdlalo.
Nakuba bekukhona lokho kuthuka uBaxter uzwakalise enkulu injabulo ngenkulumo abenayo neRUGS yize ibingelona elinye lamaqembu abewavakashele njengoba ebese-Europe ngeledlule. Isolezwe lithole ukuthi uBaxter ubehambele amaqembu anabadlali abangumsinsi kuleli ngenhloso yokubabizela kuleli qembu lesizwe uma isidingo sikhona.
“Iqembu likaTau lingithintile ngaye ngemuva kokuthola imiphumela yokuhlolwa kobubanzi kumbe ukujula kokulimala kwakhe emlenzeni wangakwesokunxele. Okuhle ukuthi akukubi njengoba bekucatshangwa. Nakuba ithambo lakhe belithintekile kodwa umhuzuko nje. Belivuvukele kodwa akukho okutheni ngaphandle kwalokho kuvuvuka kuphela nakho futhi sekuya ngokwehla. Ngijabule ngokuthi ukuya kwami kwiRUGS kuvule uphawini wokuthi sikhulume ngale ndlela abenze ngayo uma beqeda ukuthola imiphumela yokulimala kwakhe. Konke kuyathembisa ngoTau kwi-Afcon,” kusho uBaxter.
Imidlalo emibili edlalwe yiRUGS kade eselimele akazange esayidlala uTau okuyizinkomba zokuthi nalo iqembu lakhe lizimisele ngokuthi limsize angaphuthi kwi-Afcon.
Kuleli sonto kulindeleke ukuthi uBaxter amemezele isikwati sakhe aya naso kwi-Afcon kanjalo nesizodlala kwiCosafa Cup ezokuba seThekwini kusukela ngoMeyi 25.