KUYASHAYISANA okushiwo uDaniel “Dan Dance” Malesela oqeqesha iTS Galaxy nokuphuma emlonyeni wabadlali bakhe ngamalungiselelo omdlalo omqoka wamanqamu weNedbank Cup abazowudlala neKaizer Chiefs ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IGalaxy imangaze abaningi ihamba ize ifika kowamanqamu weNedbank ekubeni ibithwele kanzima kwiNational Fisrt Division (NFD). Igcine iyitholile kodwa indawo kwiTop 8. Iqale ukugqama kowandulela owamanqamu lapho ikhiphe khona iLamontville Golden Arrows kade inganikwe lutho.
Ngemuva komdlalo wokugcina weligi weGalaxy ewudlale noThongathi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, emasontweni amabili edlule, uMalesela uveze ukuthi bebezoze baqale ukukhuluma ngeChiefs (ngoLwesine) okuwusuku ababuyele ngalo ejimini kusukela beqede isizini.
Nakuba ebekhombisa izimpawu zokungafuni ukukhuluma nabezindaba uMalesela uthe indaba yeChiefs yinto abebezoze baqale ukukhuluma ngayo ngoLwesine olwedlule.
“Ngeke ngisho lutho ngeChiefs ngoba indaba yayo asikaqali nokuyikhuluma. Ebengingafuni ukukwenza ukuxukuza abafana umqondo. Njengoba sesiqedile kwiligi sizophumula bese kuthi uma sesibuya ekuphumuleni kube yima siqala ukukhuluma ngendaba yomdlalo wamanqamu,” usho kanje uMalesela.
Yize lo mqeqeshi osanda kuba sematheni ngokuklolodela uSteve Komphela ngemuva kokumkhipha kwiNedbank, ekhuluma kanje, abadlali bakhe bakhuluma okuhlukile ngamalungiselelo.
“Sekunesikhathi siqalile sisebenza ngokomqondo ngendaba yeChiefs. Uyazi umqeqeshi wethu ukuthi abaningi bethu abakujwayele ukubhekana nemidlalo efana nale, yingakho esilandele izinkakha okukhona kuzona noRoger Feutmba ukuzosicija ngokomqondo,” usho kanje uSizwe Mdlinzo obephunyuziwe bedlala noThongathi.
Ngaphandle kukaFeutmba enye inkakha elandwe uMalesela ukuzocija abafana o-Eric Ramasike noPollen Ndlanya.
“Besingeke simzibe uDan uma esicela mina noPollen ukuba sizosiza abafana ukuthi balungele umdlalo wabo wamanqamu wokuqala. Abafana abaningi abakaze bazithole bebhekene nomdlalo ofuze lo, ngakho kungaba enkulu inkinga kubona uma bengaya kuwona bengalungile ngokugcwele emqondweni,” usho kanje uRamasike naye oqinisekisile ukuthi kusukela iGalaxy izifaka kowamanqamu, kulapho bethole khona isicelo kuMalesela ukuba bazosiza.