KUHLUKANA izimpendulo odabeni lokuxoshe iBafana Bafana ehhotela laseThekwini eligudle ulwandle ebeselifana nekhaya layo kwazise bese kunesikhathi eside kungafuniselwa ukuthi ilala kuphi uma iseMdubane.
Isolezwe ngeSonto lihoshe ngemithombo yalo ezaziyo izindaba zeSafa ukuthi okwenza iqembu lesizwe lingabe lisahlala kuleli hhotela eliseNorth Beach kungenxa yemali.
“Kuyabheda laphaya. Abaxhasi bayabaleka. NeTsogo Sun iphumile kanjalo ne-Avis iSafa ebihlale iqasha kuyo izimoto zokutetemukisa izicukuthwane. Ngikhuluma nje kube nesidididi sekulandwa onondweba (abebezodlalisa iBafana neLibya) eKing Shaka (International Airport),” kusho lo mthombo ngoLwesine ntambama eMoses Mabhida Stadium lapho bekuziqeqesha khona iBafana.
“Nemoto ebihlelwe ukutetemukisa isikhulu esiphezulu saseLibya sekuthiwa ifile. Izifunda azifuni ukweseka ikomkhulu leSafa. Uyabona nje nawe eThekwini ukuthi ibhekene ngeziqu zamehlo.”
Yize ukhuluma kanje lo mthombo kodwa impendulo yeSafa nophenyo olwenziwe yiSolezwe ngeSonto luveze okunye.
UDominic Chimhavi okhulumela iSafa uthe: “Kubuhlungu ukuthi iqembu lesizwe liyadlala kodwa kufanele kubhalwe izinto eziphoxayo. Kufanele sibheke ukuthi esikubhalayo akubulali kodwa kuyakha yini. Okusemqoka la wukuthi iSafa yenza konke okusemandleni ukuqikelela ukuthi iqembu lesizwe lilaliswa emahhotela aphambili (phecelezi i-5 Star). Singenzi-ke sengathi kwehliswe izinga ngokuya eHilton.”
Ngodaba lwemali uthe: “Yiqiniso ukuthi isivumelwano ebesinaso nabo (Southern Sun Elangeni & Maharani) siphelile futhi asisivuselelanga. Okwenze sangasivuselela wukuthi kuhlale kuphithizela kuleliya hhotela okugcina kuphazamisa imiqondo yabadlali. Nangesikhathi iBafana idlala neCape Verde (ngo-Okthoba 2017) bahlala eGateway.”
Esinye isikhulu esingagunyaziwe ukuphawula kwabezindaba sithe uChimhavi ngoba ekhuluma ngokuphithizela nje usho indaba yabaqwayizi abagcogcoma ubusuku nemini kuleliya hhotela.
Esinye sezikhulu saseTsogo Sun leli phendaba elixoxe naso, sithe kungenzeka ukuthi iSafa isaqhathanisa amanani kwezinye izindawo ngoba ayikayivuseleli inkontileka nabo. Sithe asikho isikweletu esikhona maqede sathi okwenze iBafana ingahlali ehhotela e-Maharani kungexa yokuthi indawo ithathwe izicukuthwane ezithamele i-ITU Telecom World Conference.
Imizamo yokuthola ababhekele abezindaba eTsogo Sun ayiphumelelanga. Ekomkhulu lakhona kuthiwa akufonwe ngesonto elizosombuluka kanjalo naseSouthern Sun Elangeni & Maharani eThekwini. Bathe abathintwe ngesonto elizosombuluka kucelwe u-Anushri Moodley noma imenenja jikelele uSamantha Croft. NoMike Jackson onguMqondisi wezokusebenza kwaTsogo Sun KwaZulu-Natal kuze kwayoshicilelwa engalubambi ucingo.
Olwezimoto uChimhavi uthe luyize ngoba iSafa inenqwaba yezimoto ngaphansi kwayo.