YIZE sekusemthethweni ukuthi iMamelodi Sundowns ingompetha besizini baka-2021/2022 ngaphansi kweDStv Premiership kodwa kubhekwe ngabomvu ukuphela kwamaphupho ngamaqembu azozibekisela indawo kwiCaf Champions League neConfederation Cup, neMTN 8 ngesizini ezayo.
IRoyal AM, iCape Town City, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates yiwona maqembu amane anethuba lokuzibekisela indawo kwiChampions League neConfederation Cup ngesizini ezayo.
ISundowns izotholana phezulu neRoyal AM, komunye wemidlalo yeDStv Premiership namuhla eChatsworth Stadium, eThekwini. Yonke imidlalo yokwehla komdidiya izodlalwa ngesikhathi esifanayo okuwu-3 ntambama.
Yize namuhla iSundowns iyoqukula isicoco seDStv Premiership okwehlandla lesihlanu amasizini elandelana kodwa akungatshazwa ukuthi izolwela ukuwunqoba lo mdlalo ukuze ibungaze ngesitayela nabalandeli bayo.
Ngakolunye uhlangothi iRoyal AM ebalwa namaqembu enze kahle kule sizini esongwayo yePremiership, akungatshazwa ukuthi nayo izolwela ukufa nokuphila kulo mdlalo.
I-Royal AM esendaweni yesithathu kwi-log yePremiership inamaphuzu angu-46 emidlalweni engu-28, nokusho ukuthi uma ingakwazi ukuyinqoba yomibili imidlalo esele ingaqeda inamaphuzu angu-52.
IThwihli Thwahla isazobhekana ne-Orlando Pirates ngoMeyi 27 komunye wemidlalo yokuqedela imidlalo yesizini engadlalwanga ngesikhathi ngenxa yokuthi eZimnyama bezidlala owamanqamu eCaf Confederation Cup ngoLwesihlanu ebusuku.
ICape Town City okuyiyona njengamanje ehlezi endaweni yesibili kwi-log izotholana phezulu neStellenbosch FC, eDanie Craven Stadium, eStellenbosch.
IKaizer Chiefs izodudulana neSwallows FC, eFNB Stadium, eNasrec. ICity neChiefs bawadinga ngokufanayo amaphuzu kulo mdlalo wabo.
Amakhosi asendaweni yesine kwi-log njengamanje nawo awadinga ephelele amaphuzu kwiZinyoni ukuze akwazi ukuqeda inamaphuzu angu-49, kodwa okuzofanele amincele ukuthi iThe Citizens ilahle amaphuzu kwiStellies.
Ngakolunye uhlangothi AmaZulu asendaweni yesithuphha kwi-log ngamaphuzu angu-41 kepha aphikwa yizibalo zokuqeda endaweni yesine okuyindawo efunwa ngumengameli wawo, uSandile Zungu.
ISupersport United neLamontville Golden Arrows babambene ngobhongwane empini yokuqeda kwiTop 8, njengoba bebambene ngamaphuzu angu-37 kodwa ngenxa yomehluko wamagoli iSupersport yiyona esendaweni yesishiyagalombili iGolden Arrows ibe sendaweni yesishiyagalolunye.
Abafana Bes’thende bazovala noSuthu kowomkhaya baseThekwini, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla ngo-3pm:
Royal AM v Mamelodi Sundowns (Chatsworth Stadium); Marumo Gallants v Sekhukhune United (Peter Mokaba Stadium); AmaZulu FC v Golden Arrows (Moses Mabhida Stadium); Chippa United v TS Galaxy (Nelson Mandela Bay Stadium); Kaizer Chiefs v Swallows FC (FNB Stadium); Maritzburg United v Baroka FC (Harry Gwala Stadium); Stellenbosch FC v Cape Town City (Danie Craven Stadium)