KUSENZIMA ukukhuluma ngesizini edlule yeKaizer Chiefs, esitobheni sayo uTeenage Hadebe, ofake unyawo edala iphenathi ebancishe ithuba lokuthola isicoco bedliwa yiTS Galaxy ngo 1-0 kowamanqamu weNedbank Cup ngenyanga edlule eThekwini.
UHadebe uzama ukuqeda lolu sizi ngokuthi asize iqembu lakhe lesizwe iZimbabwe livikele isicoco seCosafa Cup eqhubeka eThekwini.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ejimini yeZimbabwe ukubeke kwacaca ukuthi ufuna kudlulwe esihlokweni esithinta iChiefs. “Kusenzima ukukhuluma ngeChiefs,” kusho uHadebe obekuyisizini yakhe yesibili kuMakhosi.
Kodwa ngaphambi kokuthi ayinqande inkulumo ngosizi lweqembu lakhe ukuvezile ukuthi akakhathazekile ngekusasa lakhe eNaturena.
IChiefs imatasa ilokhu ibaqoba kancane abadlali ebona ukuthi ayisabandingi. Isidedele uHendrick Ekstein, Ryan Moon, Bhongolwethu Jayiya, Khotso Malope, Gustavo Paez noVirgil Vries.
“Ngisazethemba kodwa uma kwenzeka noma yini ngizoyamukela. Kuzobe kungesikhona ukuphela komhlaba. Ngiyazethemba ukuthi ngisengayidlalela iKaizer Chiefs nangesizini ezayo,” kusho uHadebe.
Eseyivala uthe ukuthembana nokubambisana ukholwa wukuthi yikhona okungasiza leli qembu lakhe ukuthi livale ihlazo lamasizini amane linganqobi lutho.
Okwamanje uthe ugxile ekutheni iZimbabwe ikwazi ukunqoba umdlalo wayo owandulela owamanqamu weCosafa Cup ezowudlala neZambia namuhla ngo-7.30 eMoses Mabhida Stadium. Omunye umdlalo owandulela owamanqamu uphakathi kweLesotho neBotswana ngo-5 ntambama enkundleni efanayo.
Ama-Warriors yiwona avikela lesi sicoco asesinqobe kabili kulandelana.
“Ngiyafunda emaphutheni ami futhi ngizowalungisa ngokuzayo. Ngikholwa wukuthi sineqembu elihle elingakwazi ukunqoba iCosafa Cup. Siyazethemba ukuthi sizokwazi ukusivikela isicoco sethu. Ukuwina le ndebe kuzongenza ngikhohlwe yikhona konke okwenzekile,” kusho uHadebe.