UXOLISE kusihlalo wePremier Soccer League (PSL) ne-Orlando Pirates uThandani Ntshumayelo owehliselwe isigwebo sokutholakala nesidakamizwa i-cocaine egazini lakhe eminyakeni emibili edlule.
UNtshumayelo (28) ugcine enikezwe isigwebo seminyaka emibili sisuka kwemine ngemuva kokuthi efake isicelo sokuphikisa isigwebo ayesinikezwe yiSouth African Institute for Drug Free Sports (SAIDS).
Njengoba uNtshumayelo ebesevele ehlale iminyaka emibili engalithinti ibhola, ukuphuka kwesigwebo kusho ukuthi usengabuyela enkundleni.
NgoLwesibili ebusuku okumenyezelwe ngazo lezi zindaba, ufake i-video ekhasini lakhe le-twitter exolisa.
“Ngifuna ukuphinde ngixolise kusihlalo wePSL * -Irvin Khoza naseqenjini lami lakudala i-Orlando Pirates nakuwona wonke umndeni kanobhu-tshuzwayo,” uyivale kanje inkulumo yakhe uNtshumayelo.
Ngesikhathi uNtshumayelo emiswa, inkontileka yakhe nePirates yanqanyulwa isasalelwe wunyaka.
Lo mdlali oke wadlala nakwiSuperSport United uthe ufundile emaphutheni akhe.
Walivuma icala lokuthi wayidla eyazi i-cocaine ekade esephathini edudene nabangani bakhe. Wathi wadonsa olayini abathathu balesi sidakamizwa abasihogelayo abasisebenzisayo.
Kuvele ukuthi elinye iphuzu elibekwe abebemumele ngesikhathi kudingidwa eyokwehlisa isigwebo, wukuthi wakwenza lokhu ngesikhathi sakhe, hhayi esiqondene nomdlalo.
Yena wahlolwa ngoJanuwari ka-2016 iPirates idlala nePlatinum Stars koweligi ngoJanuwari 9.
“Ngifuna ukuqala ngokubonga umndeni wami, abalandeli neNingizimu Afrika ngokuma nami kule minyaka emibili ebinzima. Ngiyabonga kakhulu ngaleli thuba lesibili ngoba sengizokwazi ukwenza into engiyithandayo, ukudlala ibhola nokunakekela umndeni wami. Ngifundile emaphutheni futhi ngiyathembisa ukuthi ngeke ngiphinde nginenzele phansi. Ngifisa ukuba yisibonelo esihle,” kusho uNtshumayelo.
Isikhulu se-SAIDS, uKhalid Galant esiqinisekise izindaba zokwehliswa kwesigwebo sithe: “Ngesikhathi sikhuluma uThandani ukhombise ukuthi ungumuntu ofundile emaphutheni akhe. Ngiyethemba ukuthi uzoqhubeka nokuhlala emnene.”