KUPHUKE irekhodi lango-2014 amathikithi eKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates eqedwa emahoreni amabili ngoLwesihlanu. 

Bazoshukana eMoses Mabhida Stadium, kwi-semi final yeTKO ngoNovemba 24. 

“Amathikithi asedayiswe aphela. Aqedwe engakapheli amahora amabili. NgoMsombuluko kuzodayiswa awomtakabani,” @OfficialPSL/Twitter. 

Ngokwesibili emasontweni amathathu la maqembu edayisa aphele amathikithiki awo. 

Izolo kuphuke irekhodi aliqophe ngo-2014 ezohlangana kowamanqamu weMTN8 eyanqotshwa yiChiefs. 

Aphela emahoreni amathathu. Athengwa kangaka nje abeChiefs banegqubu lokuchathwa ngo 2-1 yiBucs koweligi.


Okucaciswe yilesi simo izolo:

Okokuqala, yinxano labalandeli beChiefs lokubuyisa izinduku ungakasongwa unyaka. IChiefs isanda kuchathwa yiPirates ngo 2-1 emdlalweni weligi eFNB Stadium.

BACKPAGEPIX

Okwesibili, abanenkinga ngokugixabezwa kweTheku ngemidlalo emikhulu kuzofanele behlise imimoya.

Kulokhu leli dolobha lidle nangokuthi sekungenisa ihlobo. Abantu baseNingizimu Afrika kuyaziwa bayazifela ngokungcebeleka emabhishi aseThekwini ngalesi sikhathi sonyaka.


Okwesithathu, isidlulile eyezibhelu zabalandeli beChiefs abashisa izihlalo bacekela phansi inkundla ngo-Ephreli 21. 

Kuzokhumbuleka ukuthi ngalokhu iChiefs ihlawuliswe imidlalo emithathu idlala eMoses Mabhia ngaphandle kwabalandeli. 

Umdlalo wesibili kule iwudlala namuhla kanti omunye uosala ulengisiwe isikhathi esingangezinyanga ezingu-24.

Akwaziwa-ke ukuthi kuyokwenzekani uma iPirates, evuthayo kulezi nsuku, ingase iphinde ivulele umpentshini kuBafana basePhefeni.

IPSL ithe ngoMsombuluko kuzovulwa ukudayisa awomtakabani.