USEKHULULEKILE ukubheka amadlelo aluhlaza kwelinye iqembu obengumdlali we-Orlando Pirates uMpho Makola, ongomunye wabamataniswa neKaizer Chiefs.
IPirates ngoLwesine imemezele ukuthi isivumelene nalo mdlali ukuthi inqanyulwe inkontileka abenayo naleli qembu asehlale kulo amasizini ayisikhombisa.
“Sivumelene nomdlali ukuthi kunqanyulwe inkontileka yakhe ngemuva komhlangano naye. Iqembu lifisa ukubonga uMakola ngakwenzele lona, simufisela inhlanhla ngekusasa lakhe” kusho iPirates esitatimendeni esishicilele kwiwebsite yayo.
Ngenyanga edlule iPirates ibikuvezile ukuthi uMakola usohlwini lwabadlali abangekho ezinhlelweni zomqeqeshi uMilutin ‘Micho’ Sredojević.
UMakola ubesedlale imidlalo engaphezulu kuka-170 kwi-Orlando Pirates kusukela ayijoyina ngo-2012. Uyishayele amagoli awu-21.
Ngesizini edlule uMakola udlale imidlalo ewu-13 kuphela yeligi.
Ngaphandle kukaMakola, iPirates isidedele abanye abadlali okubalwa kubo uThamsanqa Gabuza, Thabo Matlaba, Gladwin Shitolo, Phetso Maphanga, Diamond Thopola noCaio Marcelo.
Khonamanjalo, umgadli weSupersport, uBradley Grobbler useziqinisekisile ezokweshelwa yi-Orlando Pirates.