USEWAGAXA emgibeni amakhokho umgadli we-University of Pretoria obuyiswe eseliyekile ibhola ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019.
UNiang waseSenegal, osebuya emaqenjini okukhona kuwona iMamelodi Sundowns neMoroka Swallows, uncengwe ngabaqeqeshi kwiTuks bathi akabuye azobasiza emuva kokumemezela ukuthi usewaphanyeka emgibeni amakhokho.
Ubegcine ukubonakala kwiRoyal Eagles kwiNational First Division (NFD) ngesizini edlule.
“Uma kuphela isizini ngiyaliyeka ngempela ibhola. Ngibuyile kulena ngoba iTuks ingincengile ukuthi ngizolekelela abadlali abasebancane ngoba badedele abaningi abanamava. Nabo ngibatshelile ukuthi ngizokwenza lokhu isizini eyodwa kuphela,” kusho uNiang.
Ngaphandle kukaNiang, iTuks iyikhaya kuClifford Ngobeni owayeyibamba kwi-Ajax nakwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule.
Akusiye uNiang kuphela obuyiswe esephanyeke amakhokho emgibeni. UNathan Paulse owashaya igoli eliyiphenathi ngesikhathi i-Ajax Cape Town ihlula iKaizer Chiefs kowamanqamu weMTN8 ngo-2016 ubuyiswe yiCape Umoya kwiNFD.
Umqeqeshi weTuks, * -Evangelos Vellios, uphumele obala emasontweni edlule wathi uNiang noPaulse sekuyibona kuphela abagadli eMzansi abasadlala ngendlela abayifunayo yokubamba ibhola, badlalise abanye abadlali futhi bakunikeze okuhlukile emoyeni. Wathi bawathwesa ubunzima amaqembu kwiNFD ngobude bukaNiang futhi lokho kuyabasebenzela.
EzikaVellios zivale * -2018 zisendaweni ka-12 kwi-log yeNFD ngamaphuzu awu-13 emuva kwemidlalo ewu-15.
ITuks izophinde ithembele kuNiang uma seyamukela iReal Kings emdlalweni weNFD ozoba seTuks Stadium ngoMgqibelo ngo 3.30 ntambama.
Imidlalo yeNFD:
NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama: Witbank Spurs v Cape Umoya United (Makhulong Stadium); University of Pretoria v Real Kings (Tuks Stadium); Ubuntu Cape Town v Ajax Cape Town (Cape Town Stadium)
NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Jomo Cosmos v Maccabi FC (Makhulong Stadium); TS Galaxy v Richards Bay (Kameelrivier Stadium); Stellenbosch FC v Royal Eagles (Cape Town Stadium); TS Sporting v Mbombela United (KwaBokweni Stadium)