UFAROUK Khan, owayeyiphini lomqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uphakamisa igama likaMuhsin Ertugral waseTurkey njengofanele ukuthatha isikhundla sokuqeqesha iBafana Bafana.
Izolo, iSouth African Football Association (Safa) imemezele ukuthi isihlukene nomqeqeshi uMolefi Ntseki. Lokhu kulandela ukwehluleka kwakhe ukufaka elakuleli emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo. Ukubhacaza kweBafana kunyuse imimoya esizweni sonke kwazise kukhona abagxeka iSafa ngokuqasha uNtseki ongazelwa lutho ebholeni laseMzansi. Umqeqeshi omusha uhlalelwe imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseQatar ngonyaka ozayo. Imidlalo yokuhlunga iqala ngoJuni.
UKhan, okhiqize inqwaba yabadlali eMzansi okukhona kubona uMay Mahlangu, Luther Singh, abaphuma kwisikhungo sakhe iStars of Africa Academy noJabu Mahlangu ayempheka kwiChiefs, uthe iSafa ayiqonde ku-Ertugral.
"Sidinga umqeqeshi osezingeni eliphezulu, onesipiliyoni sokusebenza emazweni ahlukene naseqenjini lesizwe. Sidinga umuntu ozoba yimenenja ngaphezu kokuba ngumqeqeshi ngoba eqenjini lesizwe asikho isikhathi. Ngokwami, iSafa akufanele ibheke kude kodwa kumele ilande uMuhsin Ertugral. Kade ngilokhu ngimlandela lapho ekhona eqenjini lesizwe laseTurkey. Unamava okusebenza nabadlali bakuleli futhi uqeqeshe iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates," kusho uKhan owasebenza no-Ertugral kwiChiefs.
UMuhsin uzakhele igama eMzansi eminyakeni edlule. Uwine izindebe ezihlukene eNaturena okukhona kuzona iMandela Challenge esiyaziwa ngeCaf Confederation Cup neChiefs ngo-2001. Uqeqeshe i-Ajax Cape Town nePirates asula kuyona kwithelevishini kubuka izwe emuva kokuxetshulwa yiSuperSport United ngo-6-1 ngo-2016.
Kumanje u-Ertugral usethimbeni eliqeqesha iqembu lesizwe laseTurkey elilwela indawo koweNdebe yoMhlaba.
"Nginesiqiniseko sokuthi engavuma ukubuya eMzansi. Ungumuntu obheka izinto ngeso elihle. Kulaba ababalwayo akekho ofika kuyena ngolwazi lwebhola lomhlaba. Akekho oseqeqesha kwamanye amazwe. UMuhsin wazi konke ngeNingizimu Afrika nabadlali bakhona. Manje asidingi umuntu osazofunda kodwa kufuneka umuntu ozosisa phambili ukuze sikwazi ukungena koweNdebe yoMhlaba. Sidinga umuntu okuyona imidlalo yokuhlungela lo mqhudelwano, ongesabi lutho," kusho uKhan. Amanye amagama abaphakanyiswayo ngabanye kwesokuqeqesha, elikaBenni McCarthy, uPitso Mosimane kanti uGordon Igesund utshele Isolezwe ukuthi naye uwubhekile lo msebenzi.
Emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba, iBafana ikuGroup G neZimbabwe, Ghana ne-Ethiopia. Iqembu elizoqeda eqhulwini kuphela elizodlulela phambili ukuyobhekana nayishiyagalolunye aqede phezulu kwamanye amaqoqo. Emuva kwemidlalo yasekhaya nasekuhambeni, kuzophuma ayisihlanu azomela i-Afrika eQatar.