UMDLALI wasesiswini weMamelodi Sundowns, uTiyani “Sugar” Mabunda, ufuna bagweme amaphutha angesizini edlule agcine eholela ekutheni baphunyukwe yisicoco se-Absa Premiership.
ISundowns isazihola phambili kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-38. Ilandelwa yiKaizer Chiefs ngawu-34. Umqeqeshi uPitso Mosimane sekunesikhathi egcizelela ukuthi bafuna ukuzigcina bevule igebe elanele phakathi kwabo namaqembu abalandelayo.
Ngesizini edlule, iSundowns ibuye emidlalweni yeCAF Champions League isele ngemidlalo. Izibalo bezikade ziyivuma ukuthi uma ungayiwina yonke ingaba ngompetha beligi. Nokho amaBrazilians agcine eqhuzuka endleleni, indebe yagcina ihambe neBidvest Wits.
UMabunda uwine umklomelo we-Absa Premiership Goal of The Month langoJanuwari. Igoli awine ngalo ulishaye bebhudluza ngo 4-1 iBloemfontein Celtic eLoftus Versfeld.
“Kulula ukuba phezulu, noma ubani angahlala phezulu. Kodwa okunzima wukuhlala khona. Siyazi ukuthi ngesizini edlule senze amaphutha agcine esilahlekisela ngeligi. Kule sizini sisesimeni esifanayo futhi siyazi ukuthi asikwazi ukuphinda lawo maphutha.
“Siyazi ukuthi emidlalweni esele kufanele silandele uhlelo esinalo njengeqembu. Sigxila kulona kunomphumela. Uma senza konke ngendlela efanele, iligi izozizela. Ngifundile ukuthi uma ingcindezi iqhamuka ngaphandle abantu bayahluleka ukumelana nayo,” kusho uMabunda.
“Ngikholwa wukuthi sisayibambe ngakho. Sivule igebe elikahle phakathi kwethu namanye amaqembu futhi siyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa sikholwa wukuthi sineqembu eliqinile elizokwazi ukuyibamba kuze kufike ekugcineni.
Ngesizini edlule siwine imidlalo singakayidlali. Ngoba besinemidlalo eminingi ebesikade sisele ngayo, siqale ukubala amaphuzu singakadlali. Kodwa kule sizini siyazi ukuthi ukuze sithole lawo maphuzu kufanele sidlale imidlalo,
siwine. Yikho sibhekana nomdlalo ngesikhathi. Asinaki ukuthi amanye amaqembu enzani, sigxile kithina. Asithembeli emiphumeleni yabanye abantu, sithembele kweyethu.”
ISundowns izophinde idlale engekho ebhentshini uMosimane okhishwe ngaphandle ngunompempe uVictor Gomes bebhekene neCape Town City emasontweni adlule. Izintambo zisabanjwe yiphini lakhe uManqoba Mngqithi.
ISundowns izokwamukela iFree State Stars emdlalweni wePremiership eLoftus namuhla ngo-7.30 ebusuku.
Khonamanjalo, iPlatinum Stars iqhubekile nokungawini kulo nyaka ngesikhathi ibambana neSuperSport United ngo 0-0 emdlaweni we-Absa Premiership obuseRoyal Bafokeng Sports Palace, eRustenburg, izolo ebusuku.