UKUDLALA ngaphandle kwabalandeli kuzokwenza umsebenzi ube lukhuni ngokuphindiwe kwiKaizer Chiefs uma isidlala neChippa United eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto.
Lo mdlalo we-Absa Premiership ongoMgqibelo ngo-6 ntambama uzobe ungowokugcina wesigwebo semidlalo emibili esanikwa iChiefs ngemuva kokuthi abalandeli bayo bengene enkundleni balimaza impahla ngesizini edlule.
Emdlalweni wokuqala wesigwebo, iChiefs yashaya into ephansi ihlulwa yiPolokwane City, eyayivutha bhe, ngo 1-0.
Umqeqeshi weChiefs, uGiovanni Solians, uthe “uyabonga” ukuthi umdlalo neChippa sekungowokugcina ngaphandle kwabalandeli.
Ubekhuluma nabezindaba ngemuva kokukhipha iSuperSport United kwiTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium ebigcwele abalandeli baMakhosi.
Bekuvungama inkundla uma iChiefs iphethe ibhola abalandeli bekhuthaza iqembu labo. Kanjalo naye uSolinas bebengamnikile ithuba befuna enze ushintsho.
“Ukudlala kunabalandeli kuwenzile umehluko. Abalandeli yibona abaphushe iKaizer Chiefs ukuthi inqobe kwiSuperSport. Kunzima ukudlala ngaphandle kwabalandeli ngoba lokho kusiza izimbangi. NgoMgqibelo sizodlala singenabalandeli neChippa futhi kuzoba nzima, ngoba iyiqembu elidlala ibhola elihle ngoba ngiyibukile idlala neSundowns nePirates ibingafanelwe ukwehlulwa.
“Kuzoba lukhuni ngoba kuzobe kungekho balandeli. Kodwa ke siyiKaizer Chiefs kumele sidlalele ukunqoba ngoba ngaphezu kwakho konke siyawadinga amaphuzu kodwa ngenhlanhla lona umdlalo wokugcina ngaphandle kwabalandeli,” kusho uSolinas.
IChiefs yalengiselwa umdlalo owodwa izinyanga eziwu-24 ingatholakali inecala elifanayo.
Ngaphambi kokuthi iChiefs iyofuna amaphuzu kwiChippa kumele iqale iwalwele kwiBlack Leopards namuhla eFNB Stadium no-7.30 ebusuku.
URamahlwe Mphahlele oshaye igoli lokunqoba kwi-United, ucashunwe kwi-website yaMakhosi ethi kuzomele bangayithathi kancane iLidoda Duvha.
“Bayiqembu elikuthandayo ukudlala ibhola, abahlali emuva. Kuzomele silwe njengoba senzile sibhekene neSuperSport,” kusho uMphahlele.
IChiefs ihleli endaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu awu-14 emidlalweni ewu-11. ILeopards yona isanamaphuzu ayisishiyagalolunye okuyibeka endaweni ka-12.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Namuhla ngo-7.30 ebusuku: Mamelodi Sundowns v Free State Stars (Loftus Stadium); Kaizer Chiefs v Black Leopards (FNB Stadium)
NgoLwesihlanu: Marizburg United v Highlands Park (Harry Gwala Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Mamelodi Sundownsv Orlando Pirates (Loftus Stadium, 330pm); Lamontville Golden Arrows v Baroka FC (Princess Magogo Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Chippa United (Moses Mabhida Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Bloemfontein Celtic (Bidvest Stadium, 8.15pm); Free State Stars v SuperSport United (Goble Park Stadium, 8.15pm);
NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Cape Town City v Black Leopards (Cape Town Stadium); AmaZulu FC v Polokwane City (King Zwelithini Stadium)